Usale ekhungathekile umdlali welePSL ngemuva kokubanjwa inkunzi

UWillard Katsande
Intatheli yeMpempe

Usephinde wazithola esebhadini uWillard Katsande ongumdlali wasesiswini weSekhukhune United, egijima kwiDStv Premiership.

Lo mdlali owake wayibamba kwiKaizer Chiefs ubeseSouthgate Mall, eSoweto, ngesikhathi behlaselwa amadoda amathathu nomshana wakhe uKelvin Katsande (22), ngabo-6.30 ntambama ngoLwesibili.

Esikhathini esingangehora ngaphambi kwalokho ubengakwazanga ukuthenga izimpahla zakhe zeBoss Ya Mboka, wase ezitshela ukuthi uzokwenza lokho ngosuku olulandelayo.

Nokho lapho ethenga khona bagcizelele ukuthi eze nemali esandleni nokumphoqe ukuthi akhiphe u-R9700 ukuze ayokhokha.

“BesiseSouthgate Mall, ngime ngaphandle kwemoto, umshana ehleli ngaphakathi. Kuqhamuke amadoda amathathu ephethe izibhamu,” kusho uKatsande kwiFARPost.

“Bangiphoqe ukuthi ngilale phansi. Bangihudule ngamadolo etiyeleni, ngilimele nje ngikhuluma.”

“Bengiwuzwa umbhobho wesibhamu ngemuva ekhanda lami, futhi bese ngicabanga sekusekugcineni kwempilo yami.”

Lezi zigebengu zishaye zachitha neBMW X6, ama-iPhone amathathu no-R9700. Nokho imoto ibuye yatholakala yize uKatsande etshelwe ukuthi ibisilimele.

“Siye esiteshini samaphoyisa sase sazisa inkampani eyangifakela itracker. Ngitshelwe ukuthi imoto itholakale e-Eldorado Park kodwa ilimele. Ngizobuye ngiyibone,” kuchaza uKatsande.

“Ngikhathazekile ngabantu abebethenge izimpahla sebevele bekhokhile. Ngifuna bazi ukuthi ngizozama ukulungisa izinto. Ngiyacela bangilinde kancane, ngiyaxolisa ngesimo esenzekile.”

Lesi sehlo senzeka nje kusaphele izinyanga eziyishumi kuphela uKatsande ebe nenkinga emgwaqweni. Wavinjwa emgwaqweni washaywa yindoda engaziwa ngo-Agasti, eRoodeport eWest Rand.

“Angikho esimeni esikahle ngokomqondo. Lokhu kwenzeka ngemuva kwezinyanga ezimbalwa ngivelwe yisehlo emgwaqeni,” kuzikhalela uKatsande.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.