Usale enconcoza uMakhubedu iSekhukhune iwola amaphuzu

USiyabulela Shai weSekhukhune United

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uwuchaze njengeminye yemiphumela emqoka kakhulu kubona nezinhloso zabo zale sizini uMcDonald Makhubedu ongumqeqeshi weSekhukhune United enqobe kunzima ngo 1-0 kwiFree State Stars ngeSonto eMakhulong Stadium.

UMakhubedu ukusho lokhu ngemuva kwalo mdlalo weGladAfrica Championship abasinde kaningi kuwona njengoba iStars ibilokhu ilishaye njalo ipali.

Le wini ishiye iSekhukhune endaweni yesibili kwi-log lapho ilandela khona kwiRichards Bay eqhwakele.

Ube muhle ngempela kwiSekhukhune lo mphumela uma uzokhumbula ukuthi iNatal Rich Boys ilahle amaphuzu ibambana ngo 0-0 neBizana Pondo Chiefs ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

“Size lapha sazi ukuthi iFree State iyiqembu elinzima ngoba inamandla futhi uma beya phambili kuyacaca uma izitha zithambile,” kusho lo mqeqeshi.

Phakathi kwezinto athi zenza iFree State isatshwe ukuthi sekukhona kuyona u-Allan Freese.

“Kubaqeqeshi abancane u-Allan (Freese) ufana nobaba kithi futhi amaqhinga akhe siyazi ukuthi kunzima kangakanani ukuwamela.

“Uyilolu hlobo okuthi angithi abanakiwe kodwa namanje uma efikile eqenjini kucaca ngezinsuku zokuqala.

“Basithwalise kanzima umdlalo uqala. Bekusemqoka ukubazama ngejubane kodwa kwalokho bekunzima ngoba bayihlakaniphele yonke imiqondo yokudlala. Ngicabanga ukuthi la maphuzu amqoka kakhulu kithina.

“Okwenza ngijabule kakhulu ukuthi abadlali balwile kunzima futhi behleli ekutheni sihlele ukudlala kanjani,” kusonga uMakhubedu.

IJomo Cosmos ithole isibhaxu samagoli amathathu imidlalo ilandelana ixetshulwa yiTS Sporting ekhaya.

Nakuba iqhubekile nokulahla amaphuzu i-University of Pretoria kodwa umqeqeshi wayo omdala uJonny Ferreira uyabonakala umsebenzi wakhe kwiPolokwane City (aseyiqeqesha okuyiyona futhi eshaye amaTuks ngo 1-0).

Iphinde yalahla neJDR Stars eshaywe ngemizuzu yokugcina ngo 2-1 yiCape Town All Stars. Elinye iqembu laseKapa, iCape United lithole uswazi luka 2-0 luvela kuThongathi.

Ezika-Andile Mpisane iRoyal AM ziqhubekile nokuqoqa amaphuzu zishayela ekhaya iPretoria Callies ngo 3-2.

Abakhaya iSteenberg United neCape Town Spurs bona bashayane baze babukana kuba u 1-1.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.