Usale engazi uzohlanganisani nani uNdlovu oxoshwe yiRichards Bay

Usale engazi uzohlanganisani nani uNdlovu oxoshwe yiRichards Bay
Abadlali beRichards Bay
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

IRichard Bay isinqume ukumdedela umdlali obehlale isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimela uSabelo Ndlovu.

Lo mdlali utshele Impempe ukuthi ushaqeke kwaphela nasozwaneni ethola izindaba zokukhonjwa indlela kuleli qembu.

“Alikho nhlobo iqiniso ebholeni ngoba kumanje angisebenzi ngihlezi lapha ekhaya. Sengingumthwalo wabazali bami manje,” kusho uNdlovu.

“Ngizoqala ngihlwaye iqembu engizodlala kulona. Ngingadlala noma kuliphi iqembu njengamanje,” kusho yena ethi useluleme manje.

FUNDA NALA: UGreenwood ushaye walimaza kanzima intombi yakhe

Lo mdlali ukhuluma kanjena nje uthi ukulimala kuyimisile impilo yakhe. “Kodwa ke uMdali uma kunguye, kuyintando yakhe alikho nelincane icala.

“Nezinto zami zimayakayaka, zimnyama bafo. Sengithanda nokuphelelwa yithemba ngoba yimina ebengodla lapha ekhaya,” kuchaza uNdlovu.

Impempe izamile ukuthola abaphathi beqembu leRichard Bay kodwa ngenxa bebengakathlakali ngesikhathi sishicilela lolu daba.

Email: editor@impempe.com | Facebook: Impempe SA | Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.