Usale eshalaza umqeqeshi weSwallows ilahla amaphuzu

URuzaigh Gamildien weSwallows FC

OKADONGA GUMBI
Ubebonakala nasebusweni ukuthi ukhubekile emoyeni umqeqeshi weSwallows FC, uBrandon Truter ngemuva kokuthi ezakhe ziphucwe seziwaphethe amaphuzu amathathu zashiywa nelilodwa.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iChippa United iyigila isilo sengubo iDube Birds ibuya kade seyilandela ngemuva ngamagoli amabili, yakhava yaze yacishe yawina emdlalweni weDStv Premiership obuseNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo ntambama.
“Kube wumdlalo oneziwombe ezimbili okwangempela… ngiphoxekile ngomphumela,” kubalisa uTruter ngemuva komdlalo.
“Besihamba phambili ngo 2-0 kodwa sakumosha konke lokho, sagcina sidlala ngokulingana futhi.
“Besesiwaphethe sesihamba nawo amaphuzu… iphenathi yabo yona yiyo kodwa akekho obezokhala uma izitshiwe.
“Senze amaphutha amabili emuva sabanjwa ngawo. Sekusijwayele manje ukungenelwa amagoli alula, yinto osekumele siyibhekisise,” kuqhuba yena.
UTruter uhlabe nezitobha zakhe ezimbili, uNjabulo Ngcobo noSifiso Hlanti ngamaphutha abaqhathe nehlazo lokwephucwa amaphuzu sebewaphethe.
“Iphuzu esilithole elasekuhambeni ngakho sizolamukela kodwa kufana nokuthi silahle amaphuzu amabili kulo mdlalo.
“Abagadli bawenzile umsebenzi wabo kodwa emuva kwaba khona abenza amaphutha asilimazile.
“Ukuzethemba ngokweqile kusibulele, kodwa uNjabulo usemncane, usazofunda. USifiso ngumdlali osedlala ezingeni lamazwe ngamazwe (kwiBafana Bafana) bekungamele azame ukwenza izinto eziningi esebhokisini.”
Nokho ulivumile ikhadi elibomvu elitholwe ngomgadli wakhe uRuzaigh Gamildien wathi belimfanele.
“Ngeke ngiphikisane nonompempe kulokho, bekungamele enze ngale ndlela enze ngayo. Kodwa imimoya beyiphezulu.
“Ikhadi belimfanele kodwa kuzosilimaza thina ngoba uyena umthombo wamagoli,” kusho uTruter.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *