USaleng ubonge umdali, wancoma abaqeqeshi ewina indondo

USaleng ubonge umdali, wancoma abaqeqeshi ewina indondo
Abadlali beSekhukhune United
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ubonge uMdali uMonnapule Saleng ngokuwina umklomelo womgadli oshaye into ecokeme kwiGladAfrica Championship ngesizini edlule.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqedelwa imiklomelo yePremier Soccer League (PSL) ka-2020/21 ezindlini zokusakaza zeSuperSport eRandburg, ngoLwesithathu ebusuku.

USaleng, obegijima kwiFree State Stars ngesizini edlule, ushaye amagoli angu-13 kwiChampionship.

Lokhu kwenze ukuthi asayiniswe yi-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini.

Nokho lo mdlali akekho esikwatini seBucs kule sizini njengoba ebolekiswe kwiSwallows FC.

“Ngiyabonga kakhulu kuMdali ngamandla angiphe wona nekhono angiphe lona.

“Ngibonga nabazali bami ngokungeseka abanginika kona,” kusho uSaleng.

“Nabadlali ebengidlala nabo ngiyababonga kakhulu. Ngibonga nabaqeqeshi bami, umqeqeshi uDuncan (Lechesa) no-Allan Freese.

FUNDA NALA: Bamisiwe onompempe ababambe Usuthu ngophondo

“Ukube bekungekhona ukwesekwa yibona ngabe angiwuwinanga lo mklomelo. Ngibonga kakhulu.”

Ngesikhathi kuqedelwa imiklomelo yePSL izolo iSekhukhune United igcine iyiphakamise ngokusemthethweni indebe yeChampionship.

Bekukhona abadlali baleli qembu ababukeke bejabule kakhulu ngokuqukula indebe yabo. ISekhukhune igcine ingayiphakamisanga indebe yeChampionship.

Lokhu kwadalwa wukuthi kuqubuke umbango phakathi kwayo neRoyal AM ekupheleni kwesizini edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.