USamir ubuyile, uthi bekubuhlungu ukubukela iChiefs kwiTV

USamir ubuyile, uthi bekubuhlungu ukubukela iChiefs kwiTV
USamir Nurkovic
OkaDonga Gumbi

Ukubuka ozakwabo benza into ayithanda ngenhliziyo yakhe yonke bekumjuqa inhliziyo umgadli weKaizer Chiefs uSamir Nurkovic.

USamir, odabuka eSerbia, obengadlali njengoba ebesanesa ukulimala kulezi zinyanga ezimbalwa ezidlule kodwa manje usebuyile futhi useqalile ukuzicija neqembu ngokugcwele.

Kungenzeka abonakale okokuqala eqenjini ngemuva kwesikhathi eside uma iChiefs seyigadulisana neTS Galaxy emdlawleni weNedbank Cup eFNB Stadium ngoMgqibelo.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi sengigcine ngibuyile… ukuba senkundleni nozakwethu kumnandi kakhulu.

“Sisebenza ngokuzikhandla ukuzilungiselela umdlalo olandelayo futhi ngicabanga ukuthi sesiwulungele,” kusho uKokota Piano.

FUNDA NALA: Angase axoshwe ngenxa yekati lakhe umdlali weWest Ham

Yize eseqalile ukujima ngokugcwele uSamir, kodwa uthi usekude nokuthi abuyele esimweni sakhe esijwayelekile nesimenza abhakuzise inethi sengathi ushunqiselwe ngayo.

“Ngisasebenza kanzima ukuze ngibe sesimweni esifanele, lesi engangikuso phambilini. Kudingeka ngizikhandle futhi ngiyathemba ngizobuyela kuso maduze. 

“Bekubuhlungu ukubuka yonke le midlalo ngihlezi ekhaya ngibuka kwiTV. Sengikhumbule nabalandeli bethu futhi sengijahe ukubabona begcwele enkundleni maduze bese kuqonda yonke into.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.