USamir ufuna ukwenza umsebenzi wakhe nje qha, ukushaya amagoli

OkaDonga Gumbi
Umgadli weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic, uthi yena into akhathazeka ngayo kakhulu uma esenkundleni ukushaya amagoli bese okunye kulandele ngemuva.
Uthi isikhathi esiyizinyanga ezine asichithe ezama ukululama ngemuva kokulimala kanzima besinzima kuye ngoba ubefuna ukuba sensimini yena.
Ebuzwa ngokubuya kwakhe emva kwesikhathi eside engabonakali, uthe ujabule kakhulu ukuthi useyakwazi ukwenza into ayithanda kunazo zonke.
“Kwaba wumuzwa omnandi ukubuyela enkundleni emva kwesikhathi eside kangakaya. Ngemuva kokuhlinzwa nokuhlala izinyanga ezine ngilulama, kube mnandi kakhulu ukuphinde ngibuyele enkundleni. Ngijabule kakhulu ukuthi sengiyakwazi ukusiza ozakwethu enkundleni,” kusho lo mgadli waseSerbia.
Uthe njengoba esebuyile nje, iyodwa into ayifunayo – wukwenza umsebenzi wakhe okuwukushaya amagoli, asize iqembu liwine imidlalo.
“Umsebenzi wami wukuba phambili ngishaye amagoli. Futhi ngibonga uMdali ukuthi ngalishaya igoli emdlalweni wami wokuqala ngibuyile emuva kwesikhathi eside ngingadlali.
“Indlela engangizizwa ngayo ngemuva kokushaya leliya goli angikwazi ukuyichaza. Ngijabule kakhulu ukuthi ngafaka isandla ekutheni siwine.
“Kwaba yinto eyenzeka kumgadli yokuthi abe nomuzwa wokuthi uzolithola ibhola. Yiwo okwenza uhlale ujaha ibhola,” kuchaza uNurkovic ngegoli alishaye behlula AmaZulu FC ngo 2-0 eJonsson Kings Park Stadium.
Leyo wini bayilamanise ngenye njengoba beshaye iCape Town City ngo 2-1 ngoMgqibelo, beyishayela ekhaya eKapa. UNurkovic uthe kumele baqhubeke nomgqigqo wabo omuhle nangoLwesibili uma sebedlala neTshakhuma Tsha Madzivhandila emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium.
“Amagoli esiwashaye kuMaZulu nakwiCape Town City ayakhombisa ukuthi asililahlile ithemba futhi siyaqhubeka nokusebenza kanzima. Kumele siqhubeke nalo mgqigqo, sithathe umdlalo ngamunye bese sizinikela kuyo yonke imidlalo ukuze sizuze lokhu esikuhlosile.
“Akufani ukudlala bengekho abalandeli ngoba bafana nomdlali wethu ka-12. Kunzima kakhudlwana ngaphandle kwabo. Lokhu kuzikhandla esikwenzayo sikwenzela bona,” kuchaza uKokota Piano, okuyigama lesidlaliso asaphiwa lona kuleli uNurkovic.
Uthe kumele nakanjani bawelamanise la mawini abawathole ekuhambeni noma sebesekhaya.
“Asinaso kahle isikhathi sokucabanga ngezimbangi esizodlala nazo. Kumele sizinake thina ukuthi sizodlala kanjani. Kumele siqhubeke nomuzwa wethu wokulwa lo esiwukhombise emidlalweni emibili edlule,” kusho uKokota.

Leave a Reply

Your email address will not be published.