USamir usazobekezelwa kwiChiefs yize egeja, kusho uBaxter

USamir usazobekezelwa kwiChiefs yize egeja, kusho uBaxter
USamir Nurkovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ngeke ayishintshe indlela nendawo adlalisa ngayo umgadli uSamir Nurkovic.

Lo mgadli akakayibhakuzisi inethi emidlalweni emine yaleli qembu kule sizini. uNurkovic udlaliswa endaweni ehlukiel kusukela kufike uBaxter.

Udlala esayidini bese engena ebhokisini elandela ibhola kunokulilinda ekhona njengakumasizini adlule.

UBaxter udlalisa uKhama Billiat maphakathi kodwa naye akabi ngumgadli omile phambi kwepali njengokujwayelekile.

Lo mqeqeshi utshele abezindaba ngoLwesine ekuseni ukuthi uyakuqonda ukukhathazeka kwabalandeli ngale ndlela nendawo adlalisa kuyo uNurkovic.

“Okubalulekile wukuthi uzithola esendaweni emnika ithuba lokushaya amagoli isikhathi esiningi manje 9ngenxa yale ndawo asedlala kuyo). 

“Ngiwabukile amavidiyo akhe angesizini edlule ubengangeni kanje ezikhaleni ezinhle zokushaya amagoli,” kusho lo mqeqeshi odabuka eBritain.  

“Abalandeli abayizwa indaba yomgadli ongami phambi kwepali futhi bona bafuna imiphumela emihle kuphela.

“Uma umphumela ungemuhle ababe besaba nendaba nokuthi yikuphi ebenizama ukukwenza futhi lokho siyakuqonda.  

“Kodwa ngeke ngishintshe indlela esenza ngayo njalo uma umphumela usiphikile. Kumele sibekezele siqhubeke nokwenza ngendlela yethu.”

Uthe useke wakhuluma noNurkovic obukeka ekhatahzekile ngokuthi amagoli awaveli. Lo mgadli uze agcine esexabana nezitobha ngenxa yokukhathazeka ngokungalitholi igoli.

“USamir uhalle ezibekel;e ukuba sezingeni eliphezulu ngaso sonke isikhathi, ngakho ngisho ngabe udlala kahle kanjani kodwa uma engakori uyakhathazeka.

“Udinga nje lelo goli elizovula inhlanhla lisuse nengcindezi kuye. Sengike ngakhulima naye ngimtshela ukuthi usenza kahle futhi uma eqhuba kanje usazodlala.

“Esingakwenza thina wukukhuluma naye kodwa uma kufika isikhathi la sibona kufanele simphumuze khona sizokwenza lokho.

FUNDA NALA: UDavids uncome uMakhubela odlale ngathi mdlala kwiPirates eqala

“Ukube ubengazikhandli engangeni ezindaweni ezimbeka ethubeni lokushaya igoli ngabe siyamphumuza kwamanje.

“Kodwa wenza kahle kakhulu futhi kumele simbekezelele,” kuchaza uBaxter ngalo mgadli ongaconsi phansi kubalandeli.

IChiefs izobhekana neRoyal AM ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium emdlalweni weDStv Premiership.

NJengoba leli qembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize lingaqondakali indlela elidlala ngayo uBaxter uthe kobasiza ukuthi bavele banake indlela bona abafuna ukudlala ngayo.

Uzothemba ukuthi uNurkovic uzokwazi ukuthola leli goli alifisayo elizombuyisela ukuzethemba.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.