USamuel Eto’o usengumengameli webhola eCameroon

USamuel Eto'o
UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Twitter

Owayesihlabani seBarcelona uSamuel Eto’o usekhethwe waba ngumengameli omusha weCameroon Football Federation ngoMngqibelo.

Lokhu kwenzeka nje sekusele inyanga eyodwa kuphela ngaphambi kokuthi leliya lizwe elisenhla ne-Africa lisingathe imidlalo ye-Africa Cup of Nations.

U-Eto’o oneminyaka engu-40 futhi ongowokudabuka eCameroon, wayegijima emaqenjini amakhulu ase-Europe afana neBarcelona, Inter Milan neChelsea ngezikhathi zakhe.

Kulesi sikhundla sakhe esidha ubhekene nomsebenzi onzima wokukhuculala inkohlakalo okuthiwa idla lubi ebholeni laseCameroon.

Kuzomele axazulele nezimpi zangaphakathi kwinhlangano eyengamele ibhola ezweni, nokubuyisa uzinzo endleleni okusetshenziswa ngayo izimali zokuthuthukisa ibhola.

FUNDA NALA: Ihlulwe iwini elula iBaroka ibambana neCity 

USamuel Eto’o ubebanga lesi sikhundla noSeido Mbombo Njoya obengumengameli phambilini.

U-Eto’o uthole amavoti angu-43 kwathi imbangi yakhe uNjoya yakhala ngaphansi ithola angu-31.

Umengameli omusha weCameroon FA kulindeleke angene ehhovisi ngoMsombuluko lapho ezoqhubeka khona namalungiselelo e-Afcon 2022.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *