Usanethemba lokuthi zizoji’zinto u-Anoma weChiefs

U-Anold Anoma weBizana Pondo Chiefs uthi kuzolunga maduze kuleli qembu leGladAfrica Championship

OKADONGA GUMBI

Indlela edonsa kanzima ngayo kuGladAfrica Championship iBizana Pondo Chiefs yenza kube lula ukuthi ungaqoka yona uma ungabuzwa ukuthi yiliphi iqembu elizodliwa yizembe kulesi sigaba.

Emidlaweni eyishumi esiyidlalile, iHunters isaqoqe amaphuzu ayisishiyagalolunye kuphela – iwine emibili, yadlala ngokulingana kwemithathu yabe seyithola induku kwemihlanu.

Lokhu kwenza leli qembu lase-Eastern Cape kodwa alizinze eThekwini lizithole lisemsileni kwiligi kanti yize iseminingi imidlalo esele, kumele liqale ukuqoqa amaphuzu kumanje ngoba kuzoba nzima kakhulu ngomzuliswano wesibili amaqembu aphezulu esebheke entanjeni.

Nokho umdlali wasemuva kuleli qembu, u-Anold Anoma, akakalilahli ithemba, futhi ukholwa wukuthi uma benganaka izindaba zabo bakhohlwe wukuthi amanye amaqembu enzani, bengasuka kule ndawo embi abakuyo.

“Kumele sigxile ekunakeni amaqhinga namacebo ethu nasekijikeni isimo esibhekene naso. Siyazi sinerekhodi elibi uma sidlala ekuhambeni kodwa sidinga ukukuguqula lokho, sithole imiphumela ejabulisayo,” kusho u-Anoma.

IChiefs izobhekana neRichards Bay eMhlathuze Sports Complex ngeSonto ntambama, kanti ngumdlalo onzima kakhulu lona kwazise iNatal Rich Boys isemjahweni wokukuyongqogqoza esigabeni seDStv Premiership njengoba isendaweni yesithathu futhi isilele ngamaphuzu amabili kwiSekhukhune United ephezulu njengamanje.

“Sisakholelwa kumacebo wethu nakithi uqobo ukuthi sisazoyithola imiphumela esiyidingayo,” kuphetha u-Anoma. Uma bengakwazi ngandlela thize ukumangaza iRich Boys ngesibhaxu, bengagxuma beqe iCape Town Spurs neCape Town All Stars.

Komunye umdlalo ozoba ngeSonto, iCape Town All Stars, esanda kuxosha umqeqeshi, izobhekana nePretoria Callies eParrow Park Stadium ngo 1 emini.

Imiphumela yangoMgqibelo: TS Sporting 2-0 Cape Town Spurs; Royal AM 1-0 Cape United; JDR Stars 1-0 Uthongath; Sekhukhune United 1-1 University of Pretoria; Steenberg 1-1Polokwane City; Jomo Cosmos 1-2 Free State Stars.

Leave a Reply

Your email address will not be published.