USangweni uzofongqa isigqoko ayocela umsebenzi kwiBay

USangweni uzofongqa isigqoko ayocela umsebenzi kwiBay
UThamsanqa Sangweni okumanje akanaqembu
Alfred Ngubane

Useke wadlala kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates okungamaqembu amakhulu kuleli kodwa uThamisanqa Sangweni uthi uzozehlisa ayoshaya indesheni kuSifiso “Jomo” Biyela weRichards Bay.

Ekhuluma neMpempe, uSangweni uthe usazohamba ayocela umsebenzi kuBiyela njengoba esakulangazelela ukukhuza ibuya ebholeni elikhokhelayo.

“Njengamanje bengisahlezi ekhaya la kwaSangweni njengoba ngingenawo umsebenzi,” usho kanje uSangweni.

“Ngokwesimo sokuba fithi ngokomqondo nomzimba ngikahle kakhulu njengoba ngingalimele okuyinto ebisingihluphe kakhulu,” kuphetha Sangweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi USangweni uke wadlala kwiBay FC isadlala kwiMotsepe Foundation Championship.

FUNDA NALA: Usecwile ezikweletini obentanta emafutheni esadlala kwiSundowns

Amanye amaqembu aseke wadlala kuwo kukhona AmaZulu FC, Sundowns, Pirates, Maritzburg United neChippa United.

Ungumdlali onekhono eliyisimanga njengoba ekwazi ukudlala eswini nasemuva. Nokho uke waba nenkinga yokuhlulwa ukuziphatha.

Kodwa ukuqinisekisile kwiMpempe ukuthi sezadlula lezo zinsuku njengoba ayehlushwa wubusha, manje uselungele ukuzimisela ngempilo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *