USanoka weTS Galaxy unukelwa amaphuzu agcwele kuMaZulu

USanoka weTS Galaxy unukelwa amaphuzu agcwele kuMaZulu
UPogiso Sanoka
Sihle Ndlovu

Umdlali wasemuva weTS Galaxy uPogiso Sanoka uthi sebeyidlulisile injabulo yokushaya iKaizer Chiefs njengoba sebebheke ukwenza kahle emdlalweni olandelayo.

IRockets kuzomele izame ukuqhubeka nomgqigqo wayo uma isibhekene naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesibili ngo 7.30 ebusuku.

Ngemuva kokukhipha iChiefs kwiNedbank Cup Last 32, iGalaxy iphinde yashaya iSwallows FC ngo 1-0 koweligi ngempelasonto. Lokhu kuchaza ukuthi iRockets ishiye kumapeketwane kulezi zinkunzi zaseSoweto.

“Kulezi zinyanga ezimbili ezedlule kube noshintsho nokukhula kubo bonke abadlali,” kusho uSanoka.

“Kunoshintsho kakhulu kuzo zonke izindawo esizidlalayo. Kumele sithathe umdlalo ngamunye ngokucophelela manje, siqinisekise ukuthi sithola amaphuzu amathathu.”

Ukushaya iSwallows ngo 1-0 kwenze iGalaxy yanyukela endaweni ka-14 kwilogi yePremiership. Amaphuzu amathathu ngoLwesibili angayenza igxumele endaweni ka-12.

FUNDA NALA: UThobejane usole ukudoxozela kwabeBaroka beboliswa ngenduku yiSekhukhune

“Umdlalo weChiefs sewuyinto edlulile manje, ngeke sisalokhu sicabangana nawo. Sekumele sibeke imiqondo yethu emidlalweni ezayo,” kusho lo mdlali.

“Siyazi ukuthi yini okumele siyenze ukuze sithole amaphuzu amathathu abalulekile.”

Ukuthola amaphuzu amathathu kuMaZulu kuzoba wumqansa ngoba nawo awadinga kakhulu. Usuthu lugcine lushaywe yi-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni weligi ngoDisemba 23.

NakwiNedbank akuhambanga kahle kuMaZulu njengoba eshaywe iyona futhi iBucs ngo 1-0.

Nokho Usuthu lugcine lushaye iHoroya AC yaseGuinea ngo 1-0 emdlalweni weCAF Champions League ngeledlule eMoses Mabhida Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.