USantos uphatheke kabi sebekhihla isililo abePotugal sebedliwe

USantos uphatheke kabi sebekhihla isililo abePotugal seyidliwe
UJoao Palhinha
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

UFernando Santos uthi iPortugal ikwenze konke okusemandleni ukuvikela isicoco se-Euro Championship kodwa kwanhalanga zimuka nomoya.

USantos uthi abanye babadlali bakhe bakhale mi izinyembezi ngemuva kokuwashiswa ijezi yiBelgium ebashaye ngo1-0 eSeville, eSpain ngeSonto ebusuku.

“Siphoxekile futhi sidabukile ngokusehlele,” kusho uSantos ekhuluma nabe-iTVI24. “Abanye abadlali bebekhala ngemuva komdlalo. Bakwenze konke. Bazamile. Ukuhlulwa kusho ukuhlulwa.

“Eqinisweni anginawo amagama amaningi engingawasho okwamanje. Sonke besifuna ukunqoba, sonke besikholwa ukuthi singakwazi ukunqoba sivikele le ndebe.

“Besizethemba, besikholwa ukuthi sizokwazi ukufika kowamanqamu sithathe nendebe. Ngeke ngithi abukho ubulungiswa ngoba singenelwe yigoli qede sahluleka ukulishaya thina.”

FUNDA NALA: UMancini we-Italy uvuma eyokushikiliswa yi-Austria kwi-Euro

Lo mqeqeshi uqhubeke wathi: “Abadlali bona bakwenze konke, alukho olubi engingabasola ngakho. Bebekhathele kodwa bebenawo amandla ngoba besibuye sizithole izinsuku zokuphumula.”

UJoao Palhinha ubeqala ukuqala umdlalo egqoke ijezi lePortugal kanti uthi kufanele bavuke bazithathe uma sebeqala imidlalo yokuhlungela ukungena eNdebeni yoMhlaba.

“Kumele siphakamise amakhanda, sibheke ukuthi kukuphi la kufanele silungise khona.” kusho uPalhinha. “Sishode ngenhlanhla, kanti kulo mdlalo inhlanhla ihambe ibanga elide. Kubuhlungu ukuthi sihamba lapha sihluliwe.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *