Usasazele uzakwabo ‘ngezinkabi’ owePSG kubangwa ijezi

Uboshelwe ukuthengela uzakwabo 'izinkabi' owePSG
U-Amanita DIallo
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter 

Umdlali weqembu labesifazane leParis Saint-Germain (PSG) uboshiwe ngoLwesithathu kulandela ukuhlaselwa kushiye uzakwabo elimele.

Umdlali wasesiswini u-Aminata Diallo, 26, zimkhalele ukuze ayophenywa “kulandela ukushaywa kukazakwabo ngoLwesine olwedlule ebusuku”, ngokusho kwesitatimende seqembu.

Abalikhiphanga igama lomdlali oshayiwe kodwa abazishwashwathayo bathe nguKheira Hamraoui.

“IParis Saint-Germain iyalugxeka ngayo yonke indlela udlame olwenzekile.

“Kusukela ngoLwesine ebusuku ngoNovemba 4, iqembu selenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuphepha kwabo bonke abadlali,” kusho iqembu esitatimendeni.

UDiallo ungene endaweni kaKheira Hamraoui obeselimele emidlalweni we-European Champions League bebhekene neReal Madrid ngoLwesibili.

Iphepha lezemidlalo laseFrance i-L’Equipe libe ngelokuqala ukubika ukuthi uDiallo uboshwe ngoba kuhlaselwe uHamraoui, umdlali wasesiswini wePSG, ngoLwesine olwedlule.

Ngemuva kwesidlo sakusihlwa esasihlelwe yiPSG, uHamraoui wayesemotweni noDiallo.

Kwabe sekuqhamuka amadoda amabili ayezemboze ubuso ngo-10.30 ebusuku.

Amdonsa lo mdlali emotweni ase emshaya emilenzeni ngensimbi ethile.

Kuthiwa lokhu kwaqhubeka imizuzu embalwa ngaphambi kokuthi abahlaseli babaleke, ngokusho kwemithombo ye-L’Equipe eyazi kahle ngalesi sigameko.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.