Usatshiswa ngenkantolo oveze amahlazo okugcaba abadlali kwelePSL

Uzifake otakwini eveza amahlazo okugcaba abadlali kwiLeopards
UKhethokwakhe Masuku
Sbongs Gumbi

UKhethokwakhe Masuku usukele iziqandi ezidlokoza zizihlalele esidlekeni ngesikhathi eveza ukuthi wagoloza kwakubi kwiBlack Leopards ifuna abadlali basebenzise umuthi.

UMasuku uthi wenqaba usihlalo weLeopards uDavid Thidiela efuna ukuthi bagcatshwe ngoba efuna bashaye i-Orlando Pirates ababezobhekana nayo.

“Babefuna ukusisika emilenzeni nasezinyaweni bethi benzela ukuthi siqine ngoba umdlalo wePirates mkhulu,” kusho uMasuku kwabe-OffThePitchWithTK.

“Ngabatshela ukuthi mina ngeke ngikwenze lokho, futhi ngingamane ngingadlali ngoba angifune muthi engingawazi emzimbeni wami.

“ORaymond Monama noTiyani Mabunda bangeseka, nabo benqaba ukusebenzisa lowo muthi,” kuchaza uMasuku oke wadlala nakwiPirates.

“Kwathi uma ngibheka phansi ngabona ama-razor, izinti zokuvungula negazi kanti isangoma sasifuna sizikhuhle ngazo lezo zinto uma sesigcabile.

“Ngamtshela usihlalo ngathi mina ngeke ngiyenze le nto. Wangibuza ukuthi ngabe ngiqinisile yini noma ngiyancokola nje. Ngagcizelela ukuthi cha mina ngiyabonga ngeke ngikwenze impela.

“Wabe esebiza imenenja yeqembu wayitshela ukuthi ingikhiphe eqenjini (elalizodlala lowo mdlalo). Kwaba esifanayo nakuMabunda  nabanye abambalwa. Yithina esasingumgogodla weqembu.”

Okuxakayo ke kukho konke lokhu wukuthi lo muthi awusebenzanga ngendlela okwakuhlelwe ngayo ngokusho kukaMasuku.

“Kwathi kusaphele imizuzu engu-20 umdlalo uqalile iPirates yabe seyihamba phambili ngo 3-0. Abadlali abebesenkundleni babengakwazi nokugijima imilenze iqaqamba futhi bezizwa sengathi bazoquleka abanye bekhala.

“Emdlalweni olandelayo sabhekana ne-Ajax Cape Town sayivuthuza ngo 3-0 nokuyilapho (usihlalo) abona khona ukuthi wadlala ngemali yakhe (eqasha isangoma).

FUNDA NALA: ULakay wathuka sekuthiwa akaqoqe amasakana ahambe kwiSundowns

Lezi zinsolo zimcasulile uThidiela kanti usabise ngokuthi uzomudla inkomo lo mdlali ngokuqambela iqembu lakhe amanga aluhlaza emphakathini.

“Lo mfana uphelelwe manje akanalutho. Sekuphele iminyaka engu-11 kukhathi ekhuluma ngegazi nangezangoma. Umbhedo lowo.

“Uzizamela imali ngokusebenzisa igama lami ngoba nakhu esejikelwe umhlaba,” ucashunwe esho kanje uThidiela kwiSunday World.

“Lezi zinto azishoyo ziyahlambalaza kanti kumele kube khona ozokhokha ngalokho. Abazange bacabange nje nangokuthola uhlangothi lwami kule nto. Sesohlangana enkantolo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *