Usayine inkontileka entsha kwiChiefs uNgezana

USiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI
Usazohlala eminye iminyaka emithathu kwiKaizer Chiefs uSiyabonga Ngezana njengoba inkontileka yakhe ebizophela ngoJuni kuleli qembu yeluliwe.
Yelulwe ngeminyaka emithathu, kwengezwa ngombandela wokuthi Amakhosi yiwo ayoba nelungelo lokuqala lokuyelula ngeminye iminyaka emibili uma seyiphela.
Lesi sitobha esingesokuzalwa eTholeni, eMnambithi KwaZulu-Natal kodwa esikhulele eSebokeng eGauteng sikhushulelwe eqenjini elikhulu ngo-2017, kanti sesikhule saze saba ngomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu.
Amakhosi amemezele ngoLwewihlanu ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-24 uselulelwe inkontileka.
“IKaizer Chiefs seyilule inkontileka yesitobha uSiyabonga Ngezana ngeminyaka emithathu ngombandela weminye emibili ngaphezulu. Lokhu kuchaza ukuthi kungenzeka ahlale kuMakhosi iminyaka emihlanu,” kusho iChiefs esitatimendeni esiphanyeke ezinkundleni zokuxhumana.
UNgezana ungomunye wabadlali asebephenduke izethenjwa kuGavin Hunt kwisizini cishe enzima kunawo wonke leli qembu eselike labhekana nawo.
UHunt umsebenzisa ezindaweni ezehlukene lo mdlali njengoba abuye adlale ezinhlangothini emuva, noma aboshelwe maphakathi nenkundla khona emuva.
Abazazi kangcono ezaseNaturena bathi ukuzimisela nokuziphatha kahle kwakhe yikho okwenze kwaba lula ukuthi abaphathi nomqeqeshi bangananazi uma sekumele alulelwe inkontileka uNgezana.
Ungomunye wabadlali abakhulele eqenjini futhi uziphethe kahle, uyahlonipha kanti uyazikhandla, ngokusho kwabo.
Uwenza kahle nangokuzimisela umsebenzi wakhe wokuvala emuva, futhi abuye abe wusizo uma kukhahlelwa amakhona nama-free kick okuhlasela, esebenzise ubude bakhe. Unakho ukushaya amagoli uma ithuba limvunile.
Lesi simemezelo sokwelulwa kwenkontileka kaNgezana kulandele eduze esokunqanyulwa kwekaSiphelele Ntshangase osekuvele ukuthi ubewuhlupho kuMakhosi.
Kuthiwa ubenokufika ejimini sekwedlule isikhathi, futhi engakukhombisi ukuzimisela nobese kuqala ukuba yisinengiso nakwabanye abadlali.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.