Usazobabela abaningi uPelepele wePirates

UKwame "Pelepele" Peprah

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ubukeka esengena egiyeni umgadli we-Orlando Pirates, uKwame “Pelepele” Peprah, oseliqabulisa inethi kalula ibhola emidlalweni yeDStv Premiership.

UPeprah, oneminyaka engu-21 kuphela nje, ulandwe eGhana yiBucs ngaphambi kokuthi kuqale isizini. Ufike ebatshazwa kodwa kuthathe isikhathi ukuthi azibonakalise ukuthi yini le ahehe ngayo eZimnyama.

Emidlalweni emibili edlule ushaye amagoli amane. Uyena owinise iBucs ngesikhathi ithela kamuva ishaya iMarumo Gallants ngo 2-1 ngoMsombuluko.

Ukuphindile lokho uPelepele ngoLwesine eshaya amagoli amabili iPirates ibhekene naMaZulu FC emdlalweni ewuwine ngo 2-1 kade ilandela ngemuva ngo 1-0.

UPeprah uthe useyaqala ukubajwayela ozakwabo nokuyikhona okwenza ukuthi ashaye amagoli manje.

“Ngithanda ukubonga uMdali ngokusinika le mpumelelo. Le wini ibe khona ngenxa yokukhuluma nabasiphethe, okungabaqeqeshi nokaputeni,” kusho uPeprah.

“Basitshela ukuthi singalilahli ithemba, sisebenze ndawonye. Siyabonga kakhulu kuMdali.”

UPeprah uwenza kahle umsebenzi wakhe kulezi zinsuku ngoba abadlali abafana noThembinkosi Lorch bamphasela kahle ibhola.

“Akulula ukufika eqenjini bese ujwayele kodwa ngiya ngakhona. Uma unokwesekwa okuqhamuka kozakwenu uyakwazi ukukwenza lokhu osuke ufuna ukukwenza,” kusho uPeprah.

UPeprah usefunde nokujabulela igoli ngendlela abadlali baseNingizimu Afrika abenza ngayo, futhi uyachaza ukuthi ubani omfundisa lokhu.

“Lo mdanso ngiwufundiswe omunye wozakwethu uLinda Mntambo. Ungifundise lokhu, ngiyabonga Linda ngokungifundisa ukujabula kanjena,” kuphetha uPelepele ehleka.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *