Usazokukwela ukuthola ijezi kwiBrighton uTau

UPercy Tau, Themba Zwane no-Innocent Maela

OKADONGA GUMBI
Usalizwa ngendaba ijezi uPercy Tau kusukela abuyela kwiBrighton and Hove Albion yase-England, kodwa akalilahlile ithemba lokuthi uzogcina elitholile.
UTau uthi usazoqhubeka ngokuzikhandla ejimini ukuze kuthi uma kuvela ithuba lokungena eqenjini eliqala imidlalo, akwazi ukulisebenzisa ngendlela efanele.
“Yithuba elihle kakhulu kimi leli, futhi ngilijabulele, ngiyazama okusemandleni. Kodwa iqembu lenza kahle futhi liyawina ngakho kunzima ukuthola ithuba.
“Kodwa mina kumele ngiqhubeke nokuzama, nginethemba lokuthi kuzolunga,” kusho uTau okuleli njengoba ezodlala kwiBafana Bafana.
Ubekhuluma ngemuva komdlalo weBafana nGhana ashaye kuwo igoli elihle futhi waqokwa waba nguMdlali oVelele. Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 njengoba uMohammed Kudus ubebeke iBlack Stars plambili ngaphambi kokuthi uTau alinganise.
“Sizamile,” kusho yena ngomdlalo weBafana obuseFNB Stadium ngoLwesine ebusuku. “Sibahubhile, kodwa bayiqembu elihle. Bakwazile ukusivimba yize besizama ukubaxina, sesizobheka umdlalo olandelayo,” kuqhuba uTau.
IBafana seyizobhekana neSudan eKhartoum ngeSonto emdlalweni okumele uqinisekise ukuthi ayidliwa kuwo ukuze ingene kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON).
Iphuzu elilodwa kizokwanela ukufaka leli qembu likaMolefi Ntseki kwi-AFCON ezobanjelwa eCameroon ngasekuqaleni konyaka ozayo.
“Njengananje sinamaphuzu ayishumi, nabo banayishumi futhi sisasele nomdlalo owodwa. Besifuna ukuwina ekhaya. Sizamile futhi manje sekumele sibheke olandelayo ngaphandle kokuzibukela phansi, sifuna ukuwunqoba,” kusho uTau owayegijima kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuya phesheya.
UNtseki uthe yize bephoxekile ngomphumela, kodwa ngeke babasole abadlali ngoba bakhombise ukuzimisela nokuzinikela, kwala khona ukwenza.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *