USead Ramovic nguye osezopheka iTS Galaxy exoshe uDa Gama

USead Ramovic nguye osezopheka iTS Galaxy exoshe uDa Gama
USead Ramovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Seyivale isikhala sika-Owen Da Gama oxoshwe kuleli qembu ekuqaleni kwali sonto ngoSead Ramovic waseGermany.

Lo mqeqeshi omusha unezicucu eziphezulu zokuqeqesha njengoba ene-UEFA Pro License kanti ubengunozinti emaqenjini ehlukene khona e-Europe esadlala.

“Sijabule ukuthola uSead Ramovic ukuba azoba ngumqeqeshi weTS Galaxy,” kusho usihlalo weGalaxy uTim Sukazi.

“Ngimazi kusukela ngezikhathi zakhe esengumdlali kanto lokho kwenze izinto zaba lula kakhulu ekutheni eze kuleli.

“Uzofikanokuthileokuhlukileengithembaukuthi kuzosheshe kubonakale endleleni esizohleleka ngayo uma sidlala.

“Ngethemba nokuthi abadlali nabanye abasebenzi baseqenjini bazomsiza ukuthi asheshe ajwayele ukuze umsebenzi usheshe ubonakale.”

URamovic usazoke abuke engaphandle nokho njengoba esalinde imvume yakhe yokusebenza kuleli.

Usevele kodwa ukhona kuleli futhi uzobe ekhona ebuka uma leli qembu selibhekene neSekhukhune United ngoMgqibelo ntambama.

Kuzoqhubeka uShaun Bartlett abambe izintambo kuze kube uRamovic useyakwazi ukuthi asebenze ngokusemthethweni.

FUNDA NALA: UBenni unokuyesaba iChiefs engase ivuke ngezakhe

“USukazi sengimaze isikhathi eside okwenze kwaba lula ukuza kwami lapha. Ngijabule ukusebenza noShaun ngoba uyinkakha engiyihloniphayo.

“Lena yinselelo enkulu kimi uma ubheka isimo leli qembu slikuso kodwa angingabazi ukuthi ithalente likhona futhi lanele ukuthi singakwazi ukujika izinto.

“Ngivele ngiyalithanda ibhola laseNingizimu Afrika. Seyiminingi imidlalo yeTS Galaxy engiyibukile futhi ngikholwa wukuthi leli zwe libusisekile ngethalente lebhola.

“Yingakho ngingakwazanga ukuzibamba uma kuvela ithuba lokuzosebenza lapha,” kusho lo mqeqeshi oneminyaka engu-42.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.