Usebakhumbule abalandeli uNcikazi we-Arrows

Ngicabanga ukuthi into abayisabayo ukuthi thina uma sike sanama, nezinto esisuke sesizidlile, asibe sisakhuzeka
Abalandeli beGolden Arrows
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Uyavuma ukuthi sekuthanda ukuzwela kakhulu manje ukungabi khona kwabalandeli ezinkundleni zikanobhutshuzwayo, uMandla Ncikazi, oqeqesha iLamontville Golden Arrows.

Isizini yeDStv Premiership esanda kusongwa ibe yinhle kakhulu ngezindlela eziningi. I-Arrows naMaZulu FC benze iKwaZulu-Natal yaziqhenya ngokuqeda endaweni yesibili neyesine kwilogi yePremiership.

UBenni McCarthy ukhethwe njengomqeqeshi obaqwaqwade emakhanda bonke ngesikhathi kuklonyeliswa abenze kahle kwiPremier Socce League (PSL).

AmaZulu azodlala kwiCAF Champions League ngokuqeda endaweni yesibili, okuyinto ezobe iqala ukwenzeka.

Nokho kushode isinongo esisodwa kuphela kukho konke lokhu – abalandeli ezinkundleni. UNcikazi wazi kahle ukuthi isimo seCoronavirus ehlasele umhlaba wonke, sibucayi kakhulu.

Nokho lokho akwenzi angazikhumbuli izihlwele, okungenzeka futhi ukuthi yingoba bebesishaya kakhulu isithende abafana be-Arrows ngesizini esanda kugoqwa.

“Ngibona e-England sebeqalile ukubabuyisa kancane kancane abalandeli. Kuyofuneka sibhekelele ukuthi nathi balandeli siyalalela, sikhuzeke, senze isiqiniseko sokuthi asisondelani.

“Ngicabanga ukuthi into abayisabayo ukuthi thina uma sike sanama, nezinto esisuke sesizidlile, asibe sisakhuzeka,” kusho uNcikazi.

“Akufuneki sijabulele ukuthi abantu babuyele ezinkundleni kanti sibafaka engozini, sibuye sizisole. Kona kungakuhle ukuthi babuye abalandeli.

“Umdlalo webhola umdlalo wokujabula futhi umnandi ngabalandeli. Kodwa-ke kubalulekile ukuthi sibuye abantu sebephephile.”

Amanye amaqembu kuyacaca ukuthi kuwashaye kakhulu ukudlala bengekho ababukeli. Nokho sekukhona ukuthi ayazama ukujwayela yize abadlali behlale besho ukuthi yisimo esingafani neze ukudlala ngaphandle kwabalandeli.

Njengoba ibukeka ibuya kabusha iCorona mancane kakhulu amathuba okuthi iPSL ithathe isinqumo sokuthi babuyele ezinkundleni abalandeli baseNingizimu Afrika ngesizini ezayo.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.