Usebheke ukulungisa amaphutha ngesizini ezayo uZinnbauer kwiPirates

Josef Zinnbauer of Orlando Pirates
UJosef Zinnbauer
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Abalandeli be-Orlando Pirates bake bahlongoza ukubamba imashi balibangise emahhovisi aleli qembu e-Orlando Stadium beyokhalaza ngokuthi abasamdingi umqeqeshi, uJosef Zinnbauer.

Nokho lo mqeqeshi yena akayicabangi eyokushiya njengoba manje esebheke ukusheshe aqale amalungiselelo esizini entsha. Uthi ulwazi aluqoqe ngabadlali bakhe kule sizini luzomsiza ukubumba inqanawe azodla ngayo izicoco ngesizini ezayo.

“Manje sesinolwazi okumele sisebenzele phezu kwalo. Kumele sifunde emaphutheni ethu, sizinuke amakhwapha singabaqeqeshi nabadlali ngokunjalo. Ngethemba ukuthi sizoba nesikhathi esanele sokuzilungiselela.

“Sidinga okungenani amaviko amane kuya kwamahlanu, hhayi amabili njengangesizini edlule. Sidinga isikhathi sokusebenza nabadlali singajahe lutho.

“Asibanga naso isikhathi esanele sokuzilungiselela ngaphambi kwale sizini, futhi nemiphumela ayingenelisanga mina. Besihlose ukuqeda endaweni yesibili noma ngaphezulu. Kodwa manje sekumele sibheke isizini ezayo,” kusho uZinnbauer.

Ubekhuluma ngemuva kokuvala isizini ngokubambana neTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo 0-0 e-Orlando Stadium. IPirates iqede endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-50.  Abalandeli sebeke bakuveza kaningana ukungeneliseki kwabo ngaye.

Nokho abanye bayamncoma bathi uzamile kwazise iqembu lakhe belithikanyezwa ukulinyalelwa ngabadlali. Bekunesikhathi eside la leli qembu like lasala lingenamgadli belimele bonke.

UZinnbauer ubesebenzisa uThembinkosi Lorch njengomdlali ngaleso sikhathi, naye walimala wasala evala ngoVincent Pule noDeon Hotto. Kuke kwanemidlalo la abesedlalisa uLinda Mntambo njengomgadli.

OZakhele Lepasa noTshegofatso Mabasa babeyiqale kahle isizini bewaqhulula namagoli, kodwa balimala. Bahlale ngaphandle isikhathi eside bengadlali. NoGabadinho Mhango naye walimala kanti uJean-Marc Mundele yena wehluleka wukungena esitayeleni seqembu waze wadedelwa wabuyela ngakubo.

“Inkinga yethu enkulu kube ngabagadli. UMabasa waphuka umlenze ezindaweni ezintathu. ULepasa walimala naye. UTerrence Dzvukamanja ubuye emavikini amabili edlule ekulimaleni.

“ULorch ubengadlali amaviki angu-12 elimele… Baningi nje abadlali abaphazanyiswe wukulimala kule sizini. Angikakholwa namanje wukuthi besiba neshwa elingaka lokulinyalelwa ngabadlali.

“Uyabona kule sizini wonke amaqembu abebamba eyeka ngaphandle kweMamelodi Sundowns ekwazile ukubamba umgqigqo owodwa. Abanye bekuya le kuye le. AmaZulu nawo awubambe ngasekugcineni umgqigqo futhi abekufanele ukuqeda endaweni yesibili uma ngikhuluma iqiniso nje,” kusho lo mqeqeshi odabuka eGermany.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.