Usebheke ukuyodlala phesheya uZoleka okhulele kunobhutshuzwayo

Zoleka Shezi phesheya
UZoleka Shezi (kwesokunxele)
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sithunyelwe

UZoleka Shezi waseMakholweni, e-Underberg, uthi selokhu aqala ukuhlakanipha into ayaziyo ukuthi uyazifela ngebhola likanobhutshuzwayo.

Lo mdlali weThunderbirds Ladies, yase-Eastern Cape, eButterworth, uyibamba ophondweni lwesokudla, futhi uhlale edlala njengoba iqembu liyibambe kwiHollwoodbets Super League, eqhubekayo.

“Ngeke ngisho ukuthi ngaliqala nini noma kuphi ibhola ngoba kusukela ngiqala ukubona umhlaba, lapho kudlalwa khona ibhola ubungithola khona njalo nje,” kusho uZoleka.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 uthe uyazifela ngoNompumelelo “Mpumi” Nyandeni odlalela iqembu lesizwe leNingizimu Afrika, iBanyana Banyana. Futhi ufisa ukuphumelela njengaye. UNyandeni uke wadlalela iWFC Rossiyanka yeseRussia, ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika.

Usedlalela iJVW FC, okuyiqembu likaJanine van Wyk. Naye lo mdlali uyibamba esiswini. Kuningi kakhulu uZoleka afuna ukukuzuza njengoba eselitholile ithuba lokukhombisa ikhono lakhe ezingeni eliphezulu. Uma kubhekwa ikhono analo maningi amathuba okuthi azithole esedlalela iBanyana kungekudala.

“Ngifisa ukuzibona ngiphumelela ebholeni, ngithole amathuba okuyodlala phesheya. Ngifuna ukuphakamisa igama lami, igama lomndeni wami, elomphakathi wangakithi neleqembu engikhuliswe kulona, iNkwezela Ladies,” kuchaza uZoleka.

Kuyaziwa ukuthi abesifazane bakuthola kunzima ukuphumelela ebholeni lezinyayo eNingizimu Afrika ngenxa yezizathu eziningi, ikakhulukazi abasemakhaya.

“Ibhola lezinyawo labesifazane belinganakiwe phambilini kodwa manje sesinalo ithuba lokulidlala, ngakho kumele silisebenzise. Engingakusho nje ukuthi kudingeka ukubekeleza nokuziphatha kahle ebholeni. Akukho okwedlula ukuthi uziphathe ngendlela wena uma ufuna ukuphumelela,” kugcizelela uZoleka.

Uthe ukudlala kwiNkwezela Ladies yaseBulwer, yikho okumsize kakhulu ukuthi aqhubeke nesifiso sakhe sokudlala ibhola. Ngesikhathi edlala kuleli qembu umqeqeshi walo ukhulume nabeThunderbirds Ladies, ukuthi ayohlolwa ikhono kubona.

“Ngafika ngenza inhlolokhono kwiThunderbirds Ladies e-Eastern Cape, bajabula ngabakubona, ngase ngisayina khona. Ngafika kanjaloke kuleli qembu lase-Eastern Cape,” kuphetha uZoleka.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebbok: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *