Usebuyisiwe uTruter obehlatshiswe ikhefu kwiSwallows

Usebuyisiwe uBrandon Truter obehlatshiswe ikhefu kwiSwallows
UBrandon Truter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usebuyele emsebenzini wakhe umqeqeshi weSwallows FC uBrandon Truter ubehlatshiswe ikhefu lamaviki amabili kulandela ukugqoza kwemiphumela.

UTruter uke wathi gozololo ekhaya kwabamba iphini lakhe uSimo Dladla eqenjini kanti izinto azizange zibe ngcono noma engasekho.

Ubehlatshiswe ikhefu nje kungenxa yokuthi iqembu liyiqale likekela njengenkalankala isizini entsha lihlehlela emuva kunokuya phambili.

NgoMsombuluko kuvele ukuthi abaphathi sebeqalile ukutatazela njengoba isimo sibonakala siya ngokuba sibi kunokuba sibe ngcono.

NgoLwesibili ekuseni iqembu likhiphe isitatimende liqinisekisa ukubuya kukaTruter lagcizelela nokuthi ikhefu kwakuvunyelenwe naye ngalo.

Besifundeka kanje lesi sitatimende: “Izolo kusihlwa ubuholi beqembu bubambe umhlangano ophuthumayo nomqeqeshi uBrandon Truter.

“Lokhu bekulandela ukuphela kwekhefu lakhe lamaviki amabili (noma imidlalo emithathu).

“ISwallows ifisa ukukugcizelela ukuthi leli khefu kwakuvunyelwene naye umqeqeshi ngalo kulandela ukugqoza kwemiphumela.

FUNDA NALA: Akucaci kwenzekeni ngoMosele ovele wanyamalala kumele aye kwiBafana

“Kuyinto eyaziwayo ukuthi iphini lomqeqeshi uSimo Dladla nguye owanikwa umsebenzi wokubamba iqembu ngaleso sikhathi.

“Umqeqeshi uTruter usebuyile elivini futhi nguye osezophatha iqembu kusuka manje kuya phambili.

“Simfisela okuhle yena neqembu. Iphini lomqeqeshi uSimo Dladla uzoqhubeka nomsebenzi wakhe.

“Kodwa uKamal Sait ocija abadlali abheke nokuthi bakuliphi izinga lokuba fithi usamisiwe kube kube uqondiswa izigwegwe.

“Ibhodi elengamele iqembu aleneme neze ngemiphumela futhi ngeke likuphike ukuthi kungenzeka kwenziwe izinguquko ezinqala uma isimo singajiki.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.