Usecele ukukhululwa ahambe kwiBucs uLorch

UThembinkosi Lorch

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kungenzeka yini ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi sibone uThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates emamatheka futhi?

Lona umbuzo osolimini kusukela kusabalale imibiko ekhomba ukuthi lo mdlali oqokwe njengePlayer of the Season nePlayer’s Player of the Season ngesizini ka-2018/2019, ufake incwadi yesicelo sokuba akhululwe enkontilekeni anayo neSea Robbers.

Ngemuva kokuqokelwa kwakhe kule miklomelo akekho owayengabaza ukuthi uLorch usendleleni ebheke emadlelweni aluhlaza phesheya kwezilwandle.

Akuzange kwenzeke lokho ngisho eseshayele iBafana Bafana igoli lokuwina ikhipha osokhaya i-Egypt kwi-Africa Cup of Nations (AFCON).

Nakuba kungazange kuqinisekiswe kodwa imibiko efuze le iqale lapho ukuvela ikhomba ukuthi maningi amaqembu aphesheya kwezilwandle afuna lo mdlali kodwa axoshwa yimali efunwa yiBucs ngaye.

Ngenxa yale mibiko nendlela uLorch abesedlala ngayo yehle kakhulu nasebusweni ebonakala ukuthi uyadlala nje kodwa inhliziyo ayisekho ngokugcwele la ekhona.

NgoLwesihlanu kusabalale ukuthi uLorch ufongqe isigqoko wacela kusihlalo wePirates u-Irvin Khoza ukuba amkhulule enkontilekeni anayo.

Ngokomthombo ongazange udalulwe, uLorch usecelile ukuba akhululwe ukuze ezojoyina iqembu laseBelgium elingazange livele igama lalo.

“Ufongqe isigqoko waya ehhovisi wayozicelela ukuba akhululwe. Vele iqembu elimfunayo kufanele likhiphe okufunwa yiPirates ngaye uma ivuma ukumdedela.

“Kuyethembisa khona ngoba usekhulumile ngisho nanosihlalo kwangaba khona nkinga. Nginethemba lokuthi leli qembu elimfunayo lizokwenza konke okulindeleke kulo ukuze usihlalo engeke abe nankinga,” ucashunwe usho kanje umthombo.

Ngokwemibiko nayo engaqinisekisiwe, inkontileka kaLorch nePirates iyaphela ngoJuni 2021 kodwa leli qembu linalo ilungelo lokuyelula uma lifuna lokho.

Uma kugcina kwenzeka lokhu mhlawumbe kungabuya nokumamatheka kukaLorch esikujwayele.

Nakuba enokuhlushwa ukulimala kule sizini usewashayile amagoli amqoka wakhela nozakwabo amanye.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.