Usecele ukuthi iChiefs ivele imkhulule uZuma osemiswe okwesibili

Usecele ukuthi iChiefs ivele imkhulule uZuma osemiswe okwesibili
UDumisani Zuma
OkaDonga Gumbi

UDumisani Zuma usecele ukuba iKaizer Chiefs ingaze imbizele ekomidini eliqondisa ubugwegwe kodwa ivele imdedele ashiye kuleli qembu.

UZuma usemiswe okwesibili kwiChiefs kule sizini ngezizathu zokuhluleka ukuziphatha ngendlela efanele.

Okokuqala wayemiselwe ukuthi wabanjwa amaphoyisa eshayela edle amponjwana futhi ngesikhathi ebesingavumelekile ukuthi abe semgwaqeni kwazise bekusenemigomo eqinile yeCovid-19.

Uthe esanda kubuya wakuphinda lokho njengoba esolwa ngokuthi wafika ejimini kucaca ukuthi buseliwe, iphunga labo liphuma nangeziqu zoboya.

ISABC Sport seyibike ukuthi uZuma usefake isicelo sokua akhululwe. Cishe ubalekela ukuthi aze axoshwe ngoba vele kuzobe sekungokwesine eqondiswa ubugwegwe.

Ibuzwa imenenja kaZuma uBasia Michaels akazange akuvume noma akuphike lokhu, wavele wacasha ngesithupha.

“Kunzima ukuphendula lo mbuzo ngoba uyayazi ukuthi injani iChiefs ngokuputshuzwa kwezindaba zayo zangaphakathi kwabezindaba ingakazikhiphi yona.

FUNDA NALA: Umdlali weRichards Bay uchaza ngokondliwa kwakhe unina nodadewabo engenaqembu

“Sisakhuluma ngendaba yokuvela kwakhe ekomidini eliqondisa ubugwegwe okwamanje kanti ngicela nisinike isikhathi siphothule konke.

“Ngokubona kwami ngokwamava enginawo ebholeni isinqumo sakhona ngeke simvune kodwa ke izimanga ziyenzeka la ebholeni,” ucashunwe esho kanje uMichaels.

“Uma sesiphumile isinqumo uyazi iChiefs izokwazisa abantu ngaso, mhlawumbe nangaphambi kwalokho nje…

“Sesilinde isikhathi eside kunokujwayelekile uma kukhulunywa izinto ezinjena uma ngikhuluma iqiniso elimsulwa nje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.