USeema uphoxwe wumphumela kuphela i-Arrows iyeka iSundowns

USeema uphoxwe wumphumela kuphela i-Arrows iyeka iSundowns
ULehlohonolo Seema
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ULehlohonolo Seema oqeqesha iLamontville Golden Arrows, unethemba lokuthi bazoqhubeka nomgqigqo abawukhombise bebhekene neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu.

Abafana Bes’thende bakhale ngaphansi ngo 1-0 kumaBrazilians emdlalweni weDStv Premiership obuseSugar
Ray Xulu Stadium eClermont.

Nokho uSeema wenelisekile ngendlela abadlale ngayo yize engeneme ngokuthi balahle amathuba amaningi.

“Uma singadlala kanje ukubheka phambili, singawina inqwaba yemidlalo,” kusho uSeema ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi senze konke ebesikuhlelile. Bengishilo ngaphambi komdlalo ukuthi sibuyele emuva ngesikhathi sekhefu, sathi asizinuke amakhwapha sizame ukudlala isitayela sethu.”

Emdlalweni wangoLwesithathu Abafana Bes’thende badlale kahle kakhulu ngesiwombe sokuqala kodwa behluleka ukushaya amagoli.

Kuthe ngesiwombe sesibili i-Arrows yenza amaphutha agcine eholele ekutheni iSundowns ishaye igoli.

“Kwenzekile nje ukuthi singatholi lutho kulokhu kudlala kwethu kahle. Ngicabanga ukuthi abadlali basebenzile namuhla.

“Sazi kahle ukuthi yini esiyenzile ukuzilungiselela ngaphambi kwalo mdlalo. Kumele siqhubeke senze lokho ngoba kuyacaca sizothola amawini amaningi uma sidlala kahle kanje.

FUNDA NALA: UDube uthi iChiefs ingayishaya iSuperSport um abezodlala ibhola labo

“Ngiyabezwela nokho abadlali, ngoba ngemuva kokusebenza kanzima kanje bebhekene neqembu ebesibhekene nalo, bese ungatholi lutho akumnandi.”

I-Arrows inomunye umdlalo onzima ngoMgqibelo njengoba izolibangisa eKapa, lapho iyobhekana khona neCape Town City, eCape Town Stadium.

“Ezinsukwini ezintathu ezizayo sizodlala omunye umdlalo onzima eKapa neCape Town City.

“Ngakho kumele siqhubeke nomgqigqo ofanayo, imizamo efanayo, indlela yokucabanga efanayo, ukulamba okufanayo, lapho singathola amawini amaningi,” kuphetha uSeema.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.