USeema uthi i-Arrows izodlala ibhola layo noma kunzima kowomkhaya

USeema uthi i-Arrows izodlala ibhola layo noma kunzima kowomkhaya
ULehlohonolo Seema
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IGolden Arrows isakhombise ukuthi ngeke yenze ngale ndlela obekunokwesabela ukuthi kuzoba yiyo kule sizini.

Phela leli qembu laseThekwini bekubhekwe ukuthi lizodonsa kanzinyana kule sizini kulandela ukuahlekelwa ngabanye babadlali bayo abamqoka.

Ngaphezu kwalokho kuhambe noMandla Ncikazi obengumqeqeshi osekwi-Orlando Pirates. Kube sekungena uLehlohonolo Seema endaweni yakhe.

I-Arrows yenze kahle kakhulu ngesizini edlule njengoba iqede endaweni yesine futhi yake yabukeka ingase igile izimanga.

Nokho isaqale kahle ngaphansi kukaSeema njengoba isiwine owodwa, yadliwa kowodwa yabe seyidlala ngokulingana kowodwa kwemihlanu kwiDStvPremiership.

NakwiMTN 8 ingenile kweyandulela owamanqamu la izobhekana khona neMamelodi Sundowns emlenzeni wesibili ngomhla ka-28. Zabambana ngo 1-1 emlenzeni wokuqala.

USeema uthe i-Arrows izoqhubeka nebhola layo nakule sizini. Leli qembu laseLamontville laziwa ngomdlalo osheshayo futhi elidle ngomjiko.

Ekhuluma ngomdlalo wabo nomkhaya AmaZulu ozoba ngoLwesithathu, uSeema uthe into ezobasiza wukudlala ibhola labo.

“SIlindele umdlalo onzima kakhulu kuMaZulu. Siyazi ukuthi ngumdlalo womkhaya lodwa kanti siyayazi iba njani leyo midlalo.

“Kuningi okuzobe kubangwa okukhona kukho nelungelo lokuqhosha labalandeli nabadlali,” kusho uSeema.

“Sizobhekana naMaZulu sazi ukuthi athole umphumela omuhle kakhulu emdlalweni wawo wokugcina la eshaye khona iqembu ebese kuphele iminyaka eyishumu lingahlulelwa ekhaya.”

FUNDA NALA: Bahlela ukuthi igcine ingumjaho omkhulu iMkhambathini Half Marathon

Usuthu lushaye iNyasa Big Bullets ngo 3-1 eMalawi ngempelasonto kanti lwaluhlulwe ngo 1-0 ekhaya.

“Kodwa thina siyiGolden Arrows futhi sizodlala ibhola ngendlela yethu yeGolden Arrows kodwa silindele ukuthi umdlalo ube nzima.

“Siyazi ukuthi emidlalweni yethu emibili edlule sidedele amagoli umdlalo usuya ngasekupheleni futhi lokho sizamile ukukulungisa ejimini.

“Into eyodwa esiyazi kahle wukuthi AmaZulu anabadlali banamava kanti baningi futhi ingadlalisa noma yibaphi ngaphandle kwenkinga.

“Kodwa thina sizodlala ngendlela yethu ngoba uma senza njalo sizoba nethuba lokuqoqa amaphuzu aphelele.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.