USeema uthi ngeke abathethisele amathuba abadlale ngawo abe-Arrows

USeema uthi ngeke abathethisele amathuba abadlale ngawo abe-Arrows
OkaDonga Gumbi

IGolden Arrows beyingayibhubhudla ngo 4-0 iKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership obuseFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa ukube iwasebenzisile amathuba ayo.

Kodwa Abafana Bes’thende badlale ngamathuba amaningi obekumele bashaye ngawo amagoli.

Futhi ukube iChiefs nayo beyibukhali phambili, ngabe i-Arrows iwashiyile lamaphuzu egcine iphume nawo.

Abafana Bes’thende basheshe balishaya igoli futhi bekumele kuyiwe ekhefini sebehamba phambili okungenai ngo 3-0 uma ubheka amathuba abawatholile abadlali bayo bebhekana nonozinti kodwa beshwebe.

Uma ebuzwa ngalokhu kudlala ngamathuba umqeqeshi we-Arrows uLehlohonolo Seema uthe ukhathazekile ngakho, kodwa ngeke abathethisele khona.  

“Uma ngisuka la, siyocula sijabule egunjini lokushintshela. Ngeke sikhulume ngalo mdlalo,”  kusho uSeema. 

“Sizojabulela ukuwina nje kuphela. Namanje sengijahe ukubuyela ehhotela ngilale bese ngivuka ekuseni kusasa (ngeSonto) sibuyele eThekwini.  

“Lo mdlalo nokwenzeke kuwo sizoxoxa ngakho uma sesibuyela ejimini ngeviki elizayo. Kodwa okwamanje, ngeke ngisho lutho ngawo. Ngizoyekela abafana nje bazijabulele.”  

Ukuvumile nokho ukuthi bekumele bawasebenzise lawa mathuba ukuze basheshe baqede ngalo mdlalo, baqinisekise ukuthi izitha ngeke zisabuya. 

FUNDA NALA: Uxoshelwe ukubanga umsindo namaphathi owePirates 

“Bekumele siwuqede ngesiwombe sokuqala lo mdlalo ikakhulukazi uma ubheka amathuba esiwatholile.

“Kumele sisheshe sifunde ukuthi lamathuba avela ngoba sisuke siwasebenzele kanzima ngakho kumele siwasebenzise ngendlela efanele. 

“Awamaningi amaqembu ayigqekeza kalula kanjena iChiefs emuva, kodwa asiwasebenzisanga amathuba.

“Okuhle nje nokungijabulisile wukuthi kuphele umdlalo singangenelwanga goli kulokhu,” kuchaza uSeema.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.