USeema uye kwiDowns engayihlelele lutho, futhi uzisholo yena

ULehlohonolo Seema
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uLehlohonolo Seema, ubengenalo iqhinga lokubhekana neMamelodi Sundowns egcine ibhaxabule iqembu lakhe ngo 6-0 koweligi ngoLwesibili.

USeema uzisholo ngomlomo wakhe ngaphambi kwalo mdlalo weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ukuthi abazange bahlele ukuthi bazoyishaya kanjani iSundowns.

“Ungangibuzi ukuthi siyihlelele kanjani iSundowns (ehleka). Awukwazi ukuhlelela iqembu elifana neSundowns, buka nje manje isikimu abasibophele,” kusho uSeema ungakaqali umdlalo.

“Okumele sizame ukukwenza nje ukuthi singawenzi nakancane amaphutha. Sihlele ukungenzi nelilodwa iphutha namuhla ngoba bangasijezisa.”

Abahlaziyi beSuperSport baze bathi mhlawumbe uSeema ufihle induku emqubeni ngesikhathi esho lokhu. Nokho ngemuva komdlalo nabo bese beshaya amakhala ngalokhu akushilo, njengoba kubonakale sengathi vele bebefike ePitoli bengazilungiselelanga kahle.

Ngemuva komdlalo lo mqeqeshi ukhale ngokuthi lesi sibhaxu sinzima kakhulu, nokuthi amagoli amaningi kakhulu lawa abashaywe ngawo.

“Ukushaywa okunzima kakhulu lokhu eqenjini. Amagoli ayisithupha maningi kakhulu, azosishaya kakhulu uma sekubalwa umehluko wamagoli,” kusho uSeema ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle imizuzu yokuqala yomdlalo, imizuzu elinganiselwa kweyishumi besiyibambile. Sidedele igoli ngomzuzu ka-20 futhi besazi ukuthi bazosicindeza.

“Nokho ngaphambi kokuthi bashaye igoli lokuqala nathi besingashaya igoli noma amabili. Uma ungawasebenzisi amathuba udlala neSundowns, uzoba nenkinga enkulu uma kuqhubeka umdlalo.”

USeema uqhubekile wancoma iSundowns ngendlela ebophele ngayo abadlali abaphezulu esikwatini sayo.

“Leli qembu uma ubuka ebhentshini lalo, ubuke abadlali abaqala umdlalo… Ngemuva komdlalo ubuke abadlali abazihlalele njengezibukeli, uvele ubone ukuthi linobisi lodwa,” kugcizelela uSeema.

Mhlawumbe uSeema uyihloniphe kwaze kweqa iSundowns yingakho nje egcine ebuye no 6-0. Kuzomele azame ukubuyisa ukuzethemba kubadlali njengoba emdlalweni olandelayo bezobhekana neSekhukhune United, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-Ephreli 23.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.