Usefikile kuleli uBaxter okulindeleke athathe umsebenzi wokupheka iChiefs

Stuart Baxter of Kaizer Chiefs
UStuart Baxter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi usethelekile kuleli umqeqeshi okulindeleke ukuba athathe umsebenzi wokucija iKaizer Chiefs, uStuart Baxter. Lo mqeqeshi uzokwethulwa ngokusemthethweni yileli qembu laseNaturena kulo leli viki uma eseqede konke okumele kuvunyelwane futhi kusayinwe.

UBaxter uzobe ezogiya okwesibili enkundleni eyodwa njengoba ebekhoa kuleli qembu ngesizini ka-2012/13 kuya kweka-2014/15. Wenza umsebenzi omuhle ke ngoba ngesizini yokugcina wawina indebe nesicoco seligi.

Wahamba isigubhukane ke nokho ekhala ngokungeneliseki ngokuhanjiswa kwezinye zezinto kuleli qembu. Kwavela ukuthi wayekhala kakhulu ngokusayinwa kwabadlali, efisa kulandwe abasezingeni elingconywana. Kuthiwa usevumile ukubuya ngenkontileka yeminyaka emithathu.

Kusabalale ezinkundleni zokuxhumana ukufika kwakhe ngoMsombuluko kusihlwa, abanye begiya beqephuza bethi izinsuku zosizi ziphelile eNaturena. Nokho abanye bebebakhumbuza ukuthi wake wakhuluma amazwi aziswana ngabalandeli beqembu.

Ngaphezu kwalokho, uBaxter usenesishiphana esinuka kambana esimlandelayo kulandela ukucxoshwa kwakhe kwi-Odisha FC yase-India. Wayekade ekhulume kabi, enza isilinganiso ngendaba yokudlwengula ewufa olumise kabi leliya lizwe.

Nakuleli ukudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane yiva elingabanguleki elihlalise abantu bubhojozi. Nokho iSAFA yathi yona ayinankinga nalo mqeqeshi ukuba azosebenza kuleli ngoba waxolisa ngalokhu, futhi wudaba oselwadluliswa.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.