Usefingqe imikhono uPitso kwiChampions League

Usefingqe imikhono uPitso kwiChampions League
OkaDonga Gumbi

Kwaba sengathi ukhulunyiswa yiminjunju yenduku uPitso Mosimane ngesikhathi ethi ukuwina yonke imidlalo yesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League akubalulekile kangako.

Wathi la kutsheka khona isicathulo endodeni isesigabeni somkhmulajezi la kusuke kungasancengwana okwangampela khona.

Wakusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe i-Al Ahly zisuthe induku kwaze kwaba kabili kulandelana kwiMamelodi Sundowns esigabeni samaqoqo.

I-Ahly yangena kwesomkhumulajezi ngokulala isibili eqoqweni ilandela iSundowns eyaqeda ingadliwanga kulesi sigaba.

Ukuthi kuyiqiniso okwakushiwo uPitso kucace ngesikhathi elwiswa e-Egypt kulandela ukuthi ehlule iRaja Casablanca ngo 2-1.

Izintatheli zakhona nabalandeli baqala bashaya amakhala ngoba bethi bekumele awine ngomphumela omkhulu ngoba ukuwina noma ukudlala ngokulingana eMorocco kunzima.

FUNDA NALA: Uthi Usuthu luzojika amatafula luThwahlaze iRoyal AM

Nokho uPitso uyiwelisile i-Ahly njengoba kumanje seyilinde abalandelayo esigabeni semidlalo eyangulela owamanqamu kulo mqhudelwano.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokubambana neCasablanca ngo 1-1 ekuhambeni ngoLwesihlanu ebusuku okwenze kwaba ngu 3-2 uma sekuhlanganiswe imiphumela.

Kuke kwabukeka kuzobhimba kuPitso ngesikhathi uFabrice Ngoma eshaya igoli lokuqala leRaja ngomzuzu wesine umdlalo uqalile.

Nokho uMohamed Abdelmonem wayibuyisela emdlalweni sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini. Ikwazile ukuvika ize icimeze kwagcina kulungile esiwombeni sesibili.

Uma engagcina eyiwinile le ndebe uPitso kuzobe sekungokwesithathu kulandelana okuzoba wumlando ongakaze uqoshwe phambilini.

I-Ahl izobhekana ne-ES Setif yaseTunisia efike kulesi sigaba ngokukhipha izinkunzi zangakubo i-Esperance ngawo uLwesihlanu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.