Usefisa ukushiya uThabani Dube ongalitholi ijezi kwiKaizer Chiefs  

Usefisa ukushiya uThabani Dube ongalitholi ijezi kwiKaizer Chiefs  
UThabani Dube weKaizer Chiefs

 

Umdlali weKaizer Chiefs osecishe walibaleka uThabani Dube kuthiwa akaseneme kuleli qembu futhi usengagxuma ahlale uma kuvela ithuba lokuya kwelinye iqembu. 

Kuvela ukuthi uDube ufisa ukushiya kuleli qembu ngoJanuwari uma sekuvulwe iwindi lokusayina abadlali ngoba akaseneme. 

UDube ufike kwiChiefs ngesizini eldule esuka kwiRichards Bay FC ebidlala ehlathini ngaleso sikhathi. 

Kodwa wafike wehluleka ukuzitholela indawo kwiChiefs ebiqeqeshw auGavin Hunt ngaleso sikhathi. 

Namanje njengoba sekuphethe u-Arthur Zwane nje uDube usaligcina ngoba linekiwe eNaturena ijezi. 

UZwane usayine oZitha Kwinika no-Edmilson Dove okuyibo athembele kubo emuva. Uma kukhona ongekho kubo ukhalela kuSiyabonga Ngezana.

“Kube ukufika kukaDove okumkhombise kahle ukuthi indawo akanayo kwiKaizer Chiefs,” kusho umthombo. 

“Phela uma iqemu liphuma liyofuna umdlali wasemuva oyinxele ube ukhona wena kusho khona ukuthi awunandawo wena.

FUNDA NALA: IMaritzburg ibuyise uFadlu Davids ukuzoyitakula ezembeni

“Yena uyaqhubeka nokuzimisela ejimini futhi uziphethe kahle akakhombisi ukuthi kukhona okungamphethe kahle,” kuchaza lo mthombo.

Uveze ukuthi abaphathi bakhe bayamzamela lapho angase aye khona uma esuka kwiChiefs ngoba bazocela nokuthi okungcono abolekiswe kunokuhlalela ubala. 

“Kuthiwa akhona amaqembu akhombisa ukuthi engamamuleka uma kuthiwa uyeza kuwo kodwa okwamanje akukho okuphathekayo.”

Kuvela ukuthi kulawo maqembu kukhona iChippa United, Cape Town City neMaritzburg United. 

– Intatheli yeMpempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *