Usefuna izesheli uLebese owaduma kwiChiefs njengoba engasenaqembu

UGeorge Lebese

OKADONGA GUMBI
Usengasayina noma kuliphi iqembu kuleli uGeorge Lebese owazakhela igama kwiKaizer Chiefs njengoba esenqamule inkontileka yakhe neqembu lase-USA, iColorado Switchbacks.
ULebese ubesehlale kuleli qembu unyaka owodwa, wadlala imidlalo engu-16, washaya amagoli amabili futhi ubengomunye wabadlali abathandwayo kulo.
Kodwa ukuvimbeleka ukubuyela khona ngenxa yemigomo ehambelana nemithetho ebekelwe ukugwema ukubhebhetheka kweCovid-19, usephoqeleke ukulishiya leli qembu.
“Kuqaqamba inhliziyo njengoba kumele nginqamule inkontileka yami neSwitchbacks,” ubhale kanje uLebese kwiTwitter.
“Lolu bhubhane seluphazamise izinto eziningi, lwephuca nabantu abaningi izinto abazikhonzile kanti nami sengiyisibonelo salokho.
“Ngenxa yesinqumo sikamengameli wase-US sangoJanuwari 26 sokuvala ukuhambelana neNingizimu Afrika, angikwazi ukubuyela khona ngiyoqedela inkontileka yami.
“Bese ngilinde ngesineke ukubona ukuthi akuzuvulwa yini, kodwa sekudlule izinyanga ezimbili kungenzeki lutho.
“Iqembu libe selicela ukuba kunqanyulwe inkontileka. Ngiyayibonga iSwitchbacks ngethuba lokuba yingxenye yeqembu layo.
“Lesi bekungesona isinqumo esilula. Kusukela manje, sengikhululekile ukujoyina noma liphi iqembu, futhi sengikubheke ngabomvu ukuqhubekela phambili ngomsebenzi wami kwelinye iqembu,” kuchaza uLebese oseneminyaka engu-32.
ULebese useke wazilolonga neqembu leGladAfrica Championship, iTS Sporting ngasekuqaleni konyaka kodwa washiya ekhala ngokungenziwa kwezinto ngendlela efanele isigaba esikhokhelayo kuleli qembu.
Ubesezicija ngayedwana kanti kufanele ukuba maningi amaqembu aconsa amathe ngaye kumanje kwazise ikhono lakhe alingatshazwa.
ULebese uke wahlala isikhashana engadlali njengoba ebehluleka ukungena eqenjini eliqala imidlalo kwiMamelodi Sundowns ayelaxaze iChiefs ngoba esha amashushu ngayo.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.