Usefuna ukulolonga ikhono lokushaya amagoli ekude uMvala weSundowns

UMothobi Mvala weMamelodi Sundowns

OKADONGA GUMBI

Yize yena ekwazile ukusheshe angene eqenjini eliqala imidlalo kwiMamelodi Sundowns, uMothobi Mvala uzibona kusenezinto okumele athuthuke kuzo ukuze abe sezingeni elifuneka kuleli qembu laseChloorkop.

UMvala ujoyine iSundonws esuka kwiHighlands Park ekupheleni kwesizini edlule ehambisana nozakwabo uPeter Shalulile kanti bafike bangena khaxa esitayeleni sayo. Bobabili sebengabanye babahlezi beqala imidlalo.

“Ngijabule ngokuthi ngasheshe ngalithola ithuba lokudlala futhi ngihlale ngiwakhipha wonke amangwevu. Ukukhuluma iqiniso nje, ngangivele ngikulungele lokhu ngokomqondo kusukela ngifika lana.

“Bengilazi ukuthi iqembu lidlala kanjani nokuthi yini elindeleke kimi, yingakho kuthe uma nginikwa ithuba ngalibamba ngazo zombili,” kusho uMvala.

“Okwamanje ngisakuthokozela ukudlala izindawo engisafakwe kuzo, mina ngiyazama ukujwayela isimo ngenze lokho iqembu elikudinga kimi ngaleso sikhathi.

“Anginankinga nokusiza la umqeqeshi ethi angibambe khona noma abona ngingenza khona umehluko.

“Osekusele nengifuna ukuzilolonga kukho wukukhahlelela ipali ngikude bese ngikwazi ukubamba umgqigqo owodwa kuyo yonke imidlalo,” kuchaza yena.

UMvala, oneminyaka engu-26, uthi kuningi akucosha kubadlali asebenamava baleli qembu abafana noHlompho Kekana no-Andile Jali.

“Ngifunda lukhulu kubadlali asebekhulile, izinga labo lokuziphatha njengabadlali besigaba esikhokhelayo liphezulu kakhulu. Bangabaholi abaqotho.

“Bazothile futhi abaziphakamisi, bahlale begqugquzela wonke umuntu ukuthi azikhandle noma ngabe useqenjini elidlalayo noma ungaphandle.

“Bayazikhandla futhi bakhaliphile, bangabanqobi. Umuzwa wabo ugcina usutheleleka nakithi, yilokho engikuthandayo ngabadlali bethu asebekhulile,” kusho uMvala.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *