Usefuna ukushiya kwi-Orlando Pirates oseligcina linekiwe ijezi

Usefuna ukushiya kwi-Orlando Pirates oseligcina linekiwe ijezi
Abadlali be-Orlando Pirates besejimini nomqeqeshi uJose Riveiro

 

Usecinga isango angena ngalo kwi-Orlando Pirates umgadli osegcina ngokulibuka linekiwe ijezi kuleli qembu laseSoweto.

Kubikwa ukuthi uTerrence Dzvukamanja usebonile ukuthi usekude ukudlala kwiPirates njengoba bebaningi abagadli abangaphambi kwakhe.

Ngokombiko wePhakaaathi, uDzukamanja usenqume ukuthi ngeke esavuselela uma inkontileka yakhe iphela ngoJuni wonyaka ozayo.

Futhi nje empeleni usefisa nokuthi akhululwe uma kwenzeka kuba khona iqembu elingathi liyamfuna kwakhona manje ngoba usekhathele ukuba yisihlwele.

Kuthiwa kungenzeka impela afake isicelo sokuba anikw eincwadi emkhululayo ukuze asheshe aqale ahlwaye iqembu azodlala kulo ngesizini ezayo.

“Ngicabanga ukuthi sesingasho nje ukuthi isikhathi sakhe kuleli qembu sesiphelile,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko.

“Akubonakali kukhona okuzojika ngesimo sakhe njengoba engasangeni ngisho kubadlali abazohlala ebhentshini nje.”

FUNDA NALA: Sekulindwe uFadlu Davids azovala esikaMaduka kwiMaritzburg United

Ukululama kuka-Evidence Makgopa nokungena efomini kukaZakhele Lepasa yikho okuchilizele uDzvukamanja kude neqembu eliqala imidlalo.

“Izinto azimhambeli neze kahle futhi naye usekubonile lokho ngoba usuyambona nje nasejimini ukuthi usembijimbiji nje akasafnai nakuqala.

“Akaseyena umdlali onakwayo ejimini usebukeka njengomunye wabakhona nje eqenjini kodwa okungabhekwe lutho olutheni kubo,” kuchaza lo mthombo.

UDzvukamanja ngomunye wabadlali abajoyina i-Orlando Pirates besuka kwiBidvest Wits ngesikhathi ihlakazwa kumasizni ambalwa edlule.

Selokhu afika vele akakaze agqame noma avelele kuleli qembu yize eke walinikwa ithuba ikakhulukazi ngesizini edlule ngaphansi kukaMandla Ncikazi noFadlu Davids.

Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *