Usegcine ehlulekile ukuzibamba uMpengesi, wamisa uHunt

Usegcine ehlulekile ukuzibamba uMpengesi, wamisa uHunt
UGavin Hunt
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Usegcine ehlulekile wukuzibamba usihlalo weChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi osemise umqeqeshi uGavin Hunt emsebenzini.

Impempe ithole ngomthombo wayo othembekile ukuthi uHunt usamisiwe kancane ngenxa yokungavumi kwemiphumela emidlalweni yeDStv Premiership.

“Nawe uyazibonela ukuthi akuhambi kahle. UHunt izinto azimvumi yize enikiwe ithuba lokuthenga abadlali abathandayo.

“Yikho nje esemisiwe,” kusho umthombo. Neqembu selikuqinisekisile ukuthi uHunt umisiwe.

IChippa ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko imemezela ukuthi uHunt nebala usemisiwe emsebenzini.

“Kulandela ukungenzi kahle kweqembu njengoba liyiqale ngebatha iligi liwina umdlalo owodwa kweyishumi, iqembu selimisile emsebenzini uGavin Hunt.

“Njengoba umqeqeshi engekho uKurt Lentjies uzobamba njengomqeqeshi elekelelwa uSiyabulela Gwambi,” kusho iqembu.

Nokho ubeseke wabekezela uMpengesi owaziwayo ukuthi akathathi kude uma kuziwa ekuxosheni abaqeqeshi.

UMpengesi uke waphawula ngoHunt ngenyanga edlule ngesikhathi kucaca ukuthi izinto azihambi kahle eqenjini.

Lapha uveze ukuthi uyameseka ngayo yonke indlela umqeqeshi wakhe.

“Ngimeseka ngayo yonke indlela umqeqeshi. Sifuna ukumbona ephumelela yena nabadlali.

“Ngakho nginicela nonke ukuthi nibekezele,” kusho uMpengesi ngenyanga edlule.

“Ukubekezela kubalulekile ngoba yikona okuza nempumelelo kwezemidlalo, ikakhulukazi ebholeni.

“Njengabaphathi sikule nto ukuze sihlale isikhathi eside, hhayi ukwenza izinto ngokuxhamazela.”

Lo sihlalo waziwa ngokuxosha abaqeqeshi ngokushesha uma izinto zingahambi kahle eqenjini lakhe.

Nokho ekuqaleni kwesizini ufunge wagomela ukuthi uzomnika ithuba uHunt, obeqeqesha iKaizer Chiefs ngesizini edlule.

IChippa iyibambe endaweni yesithathu ukusuka emuva kwilogi yeDStv Premiership.

Emidlalweni eyishumi isawine owodwa, yadlala ngokulingana emine, yase ishaywa kwemihlanu.

FUNDA NALA: U-Ayew uthi iGhana ebanjwe ngophondo koweBafana

Emdlalweni olandelayo weligi iChilli Boys izovakashela iBaroka FC, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo, ng0-5 ntambama.

Kulapha ke uLentjies azobe ebambe khona izintambo okokuqala njengomqeqeshi.

“ULentjies ungumamakadebona kuleli qembu kanti kuthe uma ebeka amakhokho ethala waqala isifundo zokuqeqesha,

“Ulwazi lwakhe lweqembu, abadlali nesiko leqembu kwenza sibone lisezandleni ezifanele kulesi sikhathi.

“Sethemba ukuthi lolu guquko luzoqala ukujika kwezinto kule sizini bese kubuyisa ithemba kulabo abasondelene neqembu nabalandeli bebhola e-Eastern Cape,” kusho isitatimende seqembu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.