Usehalela iSundowns oweDynamos ewashise Uthongathi ijezi kwiNedbank

Usehalela iSundowns oweDynamos ewashise Uthongathi ijezi kwiNedbank
OkaDonga Gumbi

Lugijime lwaze lwacishe lwaahlanza udenda Uthongathi FC luhujiswa utalagu yiSummerfield Dynamoes edlala esigabeni sama-amesha eyiwashise ijezi kwiNedbank Cup.

IDynamoes ilishaye usanda kuqala umdlalo eChatsworth Stadium ngonyawo lukaMcedi Vandala ngokugcine kuyilo ewine ngalo ngo 1-0 kulo mdlalo ngoLwesihlanu ntambama.

EzikaPapi Zothwane zizamile ukubuya futhi ziwakhile amathuba obekumele zithole ngawo amagoli kodwa zadlala ngawo.

Nayo iDynamoes ayizange iyekele ukucindezela noma seyihamba phambili futhi kwale kancane iwathole amanye amagoli njengoba beyifika emapalini ezimbangi.

Ngokwebhola iCane Cutters beyihamba phambili futhi kuyiyo elawula umdlalo kodwa beyifike kufakwe ingidi erusile odongweni lwasemuva lweDynamoes.

Ishaywa nje iCane Cutters ilandela omkhaya bayo iGolden Arrows ekuwashisweni yiqembu elisuka esigabeni esingaphansi ijezi kulo mqhudelwano.

IDynamoes, eqeqeshwa ngumakadebona uClinton Larsen yiyo ehamba phambili kwi-ABC Motsepe League yaKwaZulu-Natal kwi-Coastal.

Indlela edlale ngayo ikhombisile ukuthi iphekwa umqeqeshi onamava futhi ibophele nabadlali asebeke badlala esigabeni esiphezulu esingabala kubo oSandile Zuke noLucky Nguzane.

Unozinti weDynamos uBongani Masoga oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo uthe manje sebehalela iSundonws emzuliswaneni olandelayo.

FUNDA NALA: U-Onyango uthi kumele baqale kahle kwiChampions League ngoba basekhaya

“Ithuba elihle leli kithi ukudlala kwiNedbank Cup. Siyajabula ngale wini. Besingabasabi futhi yilokho ebesifuna ukubakhombisa yona.

“Sifuna ukufika kwiGladAfrica Champions hip nathi ngakho besifuna ukukhombisa lokho.¬†Sithe uma sithola igoli satshelana ukuthi asizame elesibili ukuze bengasicindezeli.

“Besilifuna elesibili kodwa asangakwazi ukulithola ngakho sijabule ngokuwina ngo 1-0,” kusho uMasoga.

Ebuzwa ukuthi ngabe likhona iqembu elibanukelayo emzuliswaneni olandelayo, uthe: “Likhona, sifuna iSundowns. Sinikeni yona sibone senza njani.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.