USEHEMBE!: UZidane ukhethe ukubona afika ngayo kwiMadrid ebhacazile kule sizini

UZinedane Zidane
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Isizini esanda kusongwa yeSpanish La Liga ayihambanga kahle kwiReal Madrid ngaphansi komqeqeshi uZinedine Zidane. Lokhu sekuholele ekutheni kuhlukane inhloko nesixhanti kuZidane neMadrid obesebuya ihlandla lesibili kuleli qembu laseSpain.

IMadrid iqede endaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu angu-84, ngemuva kompetha i-Atletico Madrid esonge isizini inamaphuzu angu-86. UZidane uyena okhethe ukusula kwiMadrid. Ngaphezu kwalokho uZidane nezakhe baphinde baphoxeka kwi-Uefa Champions League ngemuva kokuwashiswa ijezi yiChelsea FC kweyandulela eyamanqamu.

Kucacile ukuthi iMadrid ibingebukhali nakancane kule sizini ngesikhathi ibambana neChelsea ngo 1-1 emlenzeni wokuqala weChampions yize yayidlalela ekhaya. Empeleni kulo mdlalo yayingashaywa ngenqwaba yamagoli. Emlanzeni wesibili e-England ishaywe ngo 2-1 kwagcina kungu 3-1, yaliwasha ijezi.

Esitatimendeni esikhishwe yiMadrid ithe: “Sekuyisikhathi sokuthi sihloniphe isinqumo sakhe siphinde sibonge ngokuzinikela kwakhe kuyo yonke le minyaka ekwiMadrid.”

UZidane uwine izicoco ezintathu zeChampions league nesisodwa seLa Liga neMadrid. Bekungokokuqala eminyakeni engu-11 ukuthi leli qembu laseSpain lingawini neyokubika indebe isizini yonke.

*Sisekuzo ezabaqeqeshi sekuvele ukuthi iTottenham Hotspur ixoxisana nomqeqeshi noMauricio Pochettino ukuthi abuyele kuleli qembu lase-England. Lo mqeqeshi ushiye iSpurs ezinyangeni ezingu-18 ezidlule kodwa maningi amathuba okuthi abuyele kuleli qembu ekuqaleni kwesizini ezayo.

UPochettino ubeyibambe kwiLigue 1 kule sizini esanda kuphela lapho ebeqeqesha khona iParis Saint Germain (PSG), wawina izicoco ezimbili zaseFrance. Nokho uhlwithwe iqatha emlonyeni yiLille ngempelasonto esicocweni seligi I-PSG ifinyelele kweyandulela owamanqamu kwi-Uefa Champions League.

Ishaye amaqembu afana neBarcelona neBayern Munich kodwa yafike yavinjwa yiManchester City. ICity iyona ezodlala owamanqamu neChelsea ngoMgqibelo.

*Sisakhuluma ngeChelsea u-Edouardo Mendy, ongunozinti, noNg’olo Kante baqalile ukuziqeqesha neqembu lonke njengoba lilungiselela ukubhekana neManchester City kowamanqamu weChampions League ngoMgqibelo. Laba badlali bebethintenkile futhi kuke kwaba nokungabaza ukuthi bazowudlala owamanqamu.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *