Usejike inhliziyo ngoRusike obesekhonjwa kwiMaritzburg uTembo

U-Evans Rusike osebuyele eqenjini kwiSuperSport United

 

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kungenzeka yini ukuthi useguqule umqondo ngomgadli ongumkhaya wakhe umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo kulandela ukubonakala kuka-Evans Ruusike emdlalweni weNedbank Cup ne-Tshakhuma Tsha Madzivhandila ngoLwesine?

Ngokwemibiko esabalele kuleli kanjalo naseZimbabwe lapho kudabukaa khona uTembo noRusike, lo mgadli ozakhele udumo kwiMaritzburg United ubesephelelwe indawo kuleli qembu lasePitoli.

URusike osesalelwe izinyanga eziyisithupha kwinkontileka yakhe usevele abonakale emidlalweni kungalindelekile ekubeni ubekhonjwa kwiMaritzburg kanjanlo nakuMaZulu FC.

Kusobala-ke nokho ukuthi useyiguqulile inhliziyo yakhe uTembo njengoba emsebenzisa impela kulezi zinsuku kwazise ubegcine ukubonakala kahle ngoDisemba 19 lapho beshaye khona iBaroka ngo 3-1.

Ngemuva kwalokho akazange abonakale lo mdlali emidlaweni eyisithupha njengoba eze wabonakala futhi ngempelasonto evela kancane bebhekene neSwallows FC.

“Kusenzima ku-Evans (Rusike) kodwa kuhle ukumbona evela kancane kancane. Akakabi sesimweni sokuqala imidlalo kodwa yena uyeza impela.

“Muhle ngokuthi noma kunini uma ethole ithuba uba yinkinga ezitheni. Sizolokhu simfaka kancane njengoba ubonile ukuthi uthole imizuzu ethe xaxa kunale ayidlale kwiSwallows.

“Kwazibani mhlawumbe uzowuqala umdlalo wethu olandelayo neCeltic (Bloemfontein).” UTembo uyavuma ukuthi ukuminyana kwemidlalo kuyamphoqa ukuthi asishintshe njalo isikimu yize kungahmbisani nakholelwa kukho.

“Isimo siyaphoqa ukuthi sisishintshe njalo isikimu njengoba ubonile kunabadlali bami ikakhulukazi laba abasebancane umdlalo bawuqede bengasafuni lutho. Ngeke ngibasebenzise kolandelayo kepha uRusike mhlawumbe angawuqala yena.

“Yisimo lesi esikusona sonke ngakho-ke kulele kimi njengomqeqeshi ukuthi ngiligcina kanjani iqembu liwumqemane futhi lilungele imidlalo yize isikhathi sisibi,” kusho uTembo.

Ukwamukele nokuphuma kwiNedbank Cup wangakhala ngalutho lo mqeqeshi waze wabongela neTTM.

“Ngisho besingadlala kuze kube uLwesihlanu oluzayo besingeke silithole igoli. Bekuwulolo hlobo lwemidlalo kodwa sizamile. Idlale kahle i-TTM futhi inqoba nje kuyifanele ngoba lokhu obekusihlula (ukusebenzisa amathuba) yona ikwenzile.”

ISuperSport izovakashela iBloemfontein Celtic ngoLwesibili beyovovana inkani emdlalweni weDStv Premiership eDr Molemela Stadium.

Email: mthokozisi@impempe.com: Twitter@MthokozMncuseni

 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.