USekgota ubona iMaritzburg izoba yingozi kwiChiefs

USekgota ubona iMaritzburg izoba yingozi kwiChiefs
UKgaogelo Sekgota
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Intsagram

UKgaogelo Sekgota ukholwa wukuthi iKaizer Chiefs kuzomele ilenyuse izinga uma kuwukuthi izimisele ukuthola okuthile emdlalweni wayo neMaritzburg United.

La maqembu azogadulisana eHarry Gwala Stadium ngeSonto ngo-5.30 ntambama emdlalweni weDstv Premiership.

Amakhosi ayayazi iMaritzburg ukuthi ihlezi iyiqembu elithanda ukuyithwalisa kanzima futhi elinakho ukuyibukisa nezwe ngokuwathela induku.

“IMaritzburg ngeke kube lula ukudlala nayo. Ihlezi iyinkinga uma idlalela ekhaya,” kusho uSekgota.

“Abayiqalanga ngendlela abebefisa ngayo isizini ngakho ngiyacabanga amaphuzu bawafuna ngampela.

“Bazobe bebheke ukuqala baqoqe amaphuzu ukuze baqale baxaxame basuke ngasemsileni. Siyakwazi lokho.

“Nathi siwabheke kabi amaphuzu amathathu ukuze siqhubeke nokunonkela kwilogi. Kuzoba wumdlalo onzima,” kusho le nsizwa eke yagijima kwiSwallows.

Kodwa umsebenzi omuhle owenziwe yiChiefs ejimini kuleli viki wenza uSekgota abe nethemba alikhulu lokuthi bazophumelela kulo mkhankaso wabo wamaphuzu amathathu.

“Ukungabi bikho kwabanye bozakwethu (abebesemaqenjini esizwe) akuzange kusiphazamise kangako.

FUNDA NALA: Ayacika manje amanga aqanjwa ngokufa kukaMeyiwa

“Besinabo ngokwemimoya sibeseka sibafisela ukuthi kubahambele kahle. Sijabule ukuthi sebebuyile ngakho manje wonke amehlo asebheke umdlalo olandelayo.”

USekgota uthi ikhefu libe lihle ngoba bathole ithuba lokuphumula ukuze babuye sbesesimweni esihle.

“Siphumulile kancane ngesikhathi kunekhefu (lemidlalo yeFifa), koda sesibuyile manje futhi izingqondo sezigxile kulo mdlalo ozayo.

“Siyilungiselele kahle iMaritzburg futhi siyazi ukuthi umqeqeshi wayo (u-Ernst Middendorp) unolwazi ngabanye babadlali bethu njengoba ebelapha kumasizini amabili edlule.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.