USEKHAYA: Ubuyele ‘ekhaya’ kwiCity uTinkler

U-Eric Tinkler
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Isiqashe u-Eric Tinkler iCape Town City esanda kuhlukana nobengumqeqeshi wayo uJan Olde Reikerink. ICity imise uReikerink emavikini ambalwa adlule kulandela ukugqoza kwemiphumela ejabulisayo kuleli qembu.

Yabe seyibeka obeyiphini likaReikerink, uDiego Peral njengebamba okwesikhashana ngesikhathi besaxoxisana alo mqeqeshi waseHolland ngokumdedela kwabo.

Ngeviki elidlule bavumelene ukuthi ashiye aphindele ekhaya njengoba manje seyikwazi ukuqoka uTinkler. Usebuya ihlandla lesibili ke uTinkler kuleli qembu njengoba wayekhona ngesizini ka-2016/17.

Washiya ngesikhathi esehehwa yiSuperSport United angahlalanga isikhathi eside kuyo ngemuva kokungahambi kahle kwemiphumela. Ube esethi qu kwiChippa United ngemuva kwalokho.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi abaqeqeshi abahlali kwiChippa, naye washeshe wakhonjwa afike ngayo. Ube esethathwa yiMaritzburg United enze umsebenzi omuhle. Nokho uhambe kungasekuhle ngemuva kokungazwani kahle nabaphathi. Ubeseke wahlala izinyanga engasebenzi njengoba eseqashwa kwiCity. Ubeke wabalwa naye kwabebebhekwa yiSAFA kwesokuqeqesha iBafana Bafana. Nakwesephini ubebalwa kodwa kugcine kuqashwe uHelman Mkhalele.

Ubengomunye futhi wabaqeqeshi abalandeli be-Orlando Pirates abakholwa wukuthi angaba wusizo, alungise leli qembu. Kodwa ke ngeke kusenzeka lokho njengoba eseqashwe yiCitizens.

“Ngaba yingxenye yeqembu lisaqala, ngangikhona ngesizini yokuqala. Leyo sizini yagcina ingenhle kakhulu. Lokho kuyohlala kungenye yezinkumbulo ezinhle enginazo empilweni yami. Kuyacaca ke manje ukuthi umsebenzi sewumkhulu kakhulu,” kusho uTinkler.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.