‘Usekhaya’ uMoyes kwiWest Ham asazohlala kuyo

David Moyes Everton West Ham United amaphuzu
UDavid Moyes
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

“Ngizizwa ngisekhaya kwiWest Ham.” Lawa ngamazwi kamqeqeshi weWest Ham United uDavid Moyes ngemuva kokusayina inkontileka entsha neqembu.

UMoyes, osekuphele isikhathi eside emataniswa neqembu lakhe lakudala i-Everton, uqede ukuqangela ngoMgqibelo emini ngesikhathi elula inkontileka yakhe namaHammers ngeminyaka emithathu.

IWest Ham iqede endaweni yesithupha ngesizini edlule ye-English Premier League ngaphansi kobuholi bukaMoyes oke waqeqesha neManchester United phambilini.

UMoyes ufake iWest Ham emidlalweni ye-UEFA Europa League, waphinde waqopha umlando eqoqa amaphuzu angu-65 ngesizini edlule okuyinto ebingakaze yenzeka kumaHammers.

“Ngijabule kakhulu lapha kwiWest Ham,” kusho uMoyes. “Ngilapha okufanele ngibe khona, yingakho ngijabule.

“Ngizizwa ngikhethekile ngokunikwa leli thuba lokwakha iqembu eliqinile. Konke engizokwenza ukusuka manje kuya phambili sivumelene ngakho nabanikazi beqembu.

“Wonke umuntu eqenjini, ukusuka kwibhodi kuya kubasebenzi nabadlali kumnandi kakhulu ukusebenza nabo. Yingakho ngikhethe ukuqhubeka nomsebenzi omkhulu esesiwuqalile kumasizini ambalwa edlule selokhu ngajoyina leli qembu,” kuchaza yena.

Neziphathimandla zeWest Ham United, oDavid Sullivan noDavid Gold zibhale ngokuhlanganyela isitatimende kwi-website yeqembu zijabulela ukuvuselela inkontileka kukaMoyes.

“Izindaba ezinhle kakhulu lezi, ziqinisekisa uzinzo eqenjini ukuya phambili,” kuchaza isitatimende.

USullivan noGold bathe: “lezi zinyanga ezingu-12 ezedlule zenze ubunye eqenjini, sijabulela kakhulu abalandeli nekusasa leqembu.”

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *