Usekhonjwe indlela umqeqeshi owathuka umphathi wakhe esidlangalaleni

Usekhonjwe indlela umqeqeshi owathuka umphathi wakhe esidlangalaleni
USebastien Migne
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukhonjwe indlela uSebastian Migne obeqeqesha iMarumo Gallants kungakapheli sikhathi esitheni ethathe lesi sikhundla sokuba umqeqeshi waleli qembu laseLimpopo.

Bekuvele kulindelekile ukuthi uMigne uzogcina ekhonjwe indlela kwiGallants njengoba ake wakusho esidlangalaleni ukuthi indlela okuhlelwe ngayo izinto esakhe isikhundla asinamsebenzi.

Wayekhononda ngokunikwa kukaHarris Choeu ophethe ithimba labaqeqeshi amandla amakhulu okuthatha izinqumo ngokuqeqeshwa kweqembu.

Kubukeka sengathi ukungazwani bekuvele kukhona phakathi kwabo njengoba sekuvele ukuthi zake zathuthana ngamazwi kwaswelakala ozogadla phakathi kwabo.

Kuthiwa lesi sigameko senzeka esikhumulweni sezindiza eGoli ngeviki elidlule ngesikhathi iqembu liya eThekwini liyobhekana neGolden Arrows.

IGallants ikhiphe isitatimende ngeSonto emini iqinisekisa ukuxoshwa kukaMigne ngemuva kokulahlwa ngecala esigungwini sokuqondiswa izigwegwe.

“Ngemuva kwesigungu sokuqondiswa izigwegwe ngoLwesine lomhla ka-7 ku-Okthoba 2021, iMarumo Gallants seyimxoshile uSebastien Migne ngeSonto.

“UMigne ulivumile icala lokungahloniphi umphathi wakhe nokusebenzisa amagama angemahle ebhekiswe kumphathi wethimba labaqeqeshi uHarris Choeu,” kusho isitatimende seqembu.

Ukuhamba kukaMigne kulishiye nenkinga leli qembu njengoba kumele liyodlala ne-SA Vita Club yaseDR Congo kwiCaf Confederation Cup.

Omunye wemigomo yeCaf kule midlalo wukuthi iqembu kumele libe nomqeqeshi onezicucu eziseqophelweni elithile.

Uhamba nje uMigne nephini lakhe uJean Luscuito ubesanda kulaxaza umsebenzi ngoba ekhala ngakho ukuthi akusebenzeki nhlobo.

Lokhu kuzoshiya uMpho Maleka noDavid Mathebula ukuba babambe umsebenzi okwesikhashana.

FUNDA NALA: Umqeqeshi weBafana uncoma ukuzinikela kwabadlali bakhe

Kodwa iqembu lithe liphezu kwemizamo yokuqinisekisa ukuthi uzobe esekhona umqeqeshi uma seliya eDR Congo.

Lo mdlalo walo ungoLwesihlanu. “Iqembu lifisa ukukuveza ukuthi asikho isimo esibi eqenjini njengamanje futhi kuyaqhutshekwa nomsebenzi.

“Iqembu lenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi uzbe esekhona umqeqeshi ngesikhathi salo mdlalo.”

Impempe seyithole ukuthi kungenzeka isikhala sikaMigne sivalwe ngoCavin Johnson osanda kwesula kwi-Al Ahly e-Egypt la abeyiphini likaPitso Mosimane khona.

UJohnson useke wamataniswa ne-Orlando Pirates kodwa akukaveli lutho ngokuya kwakhe kuyo okwamanje.

Uma leli qembu lehluleka kuJohnson kuthiwa lingase lizikhalele kuDylan Kerr elimlaxaze ekupheleni kwesizini edlule.

Usihlalo weGallants u-Abram Sello uthe kube yishwa ukuthi bahlukane noMigne ngalesi sikhathi bebheke ukudlulela esigabeni esilandelayo kwiConfederation Cup.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.