Usekhumbule ngisho ‘ukuthukwa’ abalandeli uMcCarthy

Usekhumbule ngisho 'ukuthukwa' abalandeli uMcCarthy
UBenni McCarthy
Sihle Ndlovu

UBenni McCarthy, ocija AmaZulu FC, usezwakalise ukunengeka okukhulu ngokuthi abalandeli bakanobhutshuzwayo abakabuyeli ezinkundleni eNingizimu Afrika.

Akugcini lapho ngoba uMcCarthy uphinde wathi ukhathele nawukuhlohlwa imibuzo yizintatheli angaziboni.

Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esithangamini ebesiseMoses Mabhida Stadium ngoLwesine.

UMcCarthy uzokuzwa okokuqala ukuba khona kwabalandeli boSuthu enkundleni uma selubhekene neRaja Casablanca.

Lo mdlalo weCAF Champions League uzoba seMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu, ngo-6 ntambama.

Kulo mdlalo obalulekile kuMaZulu, kuzovunyelwa abalandeli abangu-2 000 kuphela ukuthi bangene enkundleni. Ngabe uzizwa kanjani uMcCarthy ngalokhu?

“Ukukhuluma iqiniso angazi ukuthi kuzoba umuzwa onjani lowo. Ngijabule kakhulu futhi ngiyabajabulela nabalandeli,” kusho uMcCarthy.

“Kubafanele lokhu, kade belindile ukubuyela enkundleni. Kanjalo nabezindaba, ukwenza le nto ka-zoom ewumbhedo, akungisebenzeli mina.

“Manje kumele ngikhulume neskrini? Ngincamela ukubhekana nomuntu ngqo, ngiyakuthanda lokho, ukubona abantu. Kuzoba mnandi futhi ngizizwa ngesese ngalokho.”

Nokho uBenni uyazi ukuthi ukuba khona kwabalandeli enkundleni kuza nenkulu ingcindezi eqenjini, ikakhulukazi uma lingenzi lokhu abakulindele.

FUNDA NALA: UMiddendorp uphoxekile unozinti wakhe eshaya ifambu

“Angazi ukuthi kuzoba njani ukuzwa umuntu ethi ‘hheyi wena futseg mann.’ Uyazi uma abalandeli sebecikekile uzwa izinto ezifana nalezi,” kusho uMcCarthy ehleka.

“Angikaze ngibe kuleso simo selokhu ngafika kuMaZulu. Ngakho kuzodingeka umuntu ajwayele.

“Kuzobasiza kakhulu abadlali lokhu ngoba bafuna ukukhombisa ikhono labo phambi kwabalandeli.

“Njengamanje sijabulisa izihlalo nokuyinto engekho yinhle. Ngikubheke ngabomvu lokho kodwa hhayi lokhu okunye (ukumenyezwa abalandeli abacikekile).”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.