Usekuphindile lokho adume ngakho uChippa?

UVladislav Heric

OKADONGA GUMBI

USiviwe “Chippa” Mpengesi uyaphika, kodwa umqeqeshi, uVladislav Heric kuthiwa ukuqinisekisile ukuthi imithwalo seyisobhekweni njengoba esekhonjwe afika ngayo yiChippa United.

Lokhu kuzwakala njengeskeshi sezingane sazenkulisa kodwa kuliqiniso. Ngokombiko weHerald, okuyiphephandaba laseGqeberha la leli qembu lizinze khona, uHeric usexoshiwe.

Lo mbiko uthi uHeric uphendule imibuzo abebuzwe yona kwiWhatsApp ngamagama amabili nje vo. Ubebuzwe ukuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi usexoshiwe kwiChippa, waphendula wathi ‘yebo kuliqiniso’.

Kuvela le mibiko nje iChilli Boys ibhekene nezembe njengoba ihlezi endaweni ka-15 kwiDStv Premiership sekusele imidlalo emibili. Ingene yathi shi odakeni ngesikhathi ihlulelwa ekhaya yiBloemfontein Celtic ngoLwesibili ntammbama.

Into eselingayilwela leli wukuthi lithole iphuzu elilodwa kule midlalo esele bese liya kweyokuhlunga lizame ukuzihlenga khona. Kuvele nokuthi uMpengesi uhlela ukubuyisa uLehlohonolo Seema azophinda zkwenze ngesizini edlule.

USeema wayivikisa izembe iChilli Boys ngesizini edlule kodwa wabe esexoshwa ngasekuqaleni kwalena. Indawo yakhe kwangena uDan Malesela, naye waxoshwa kwalandwa uLuc Eymael.

Nokho yena wakhonjwa indlela engakahlali nakanye ebhentshini njengoba kwasuka esimathambo abantu bethi lo mqeqeshi akadingeki kuleli. Kube sekubuyiswa uHeric, lo osekuvela ukuthi naye usehembe.

Uma ebuzwa ngendaba kaHeric, uMpengesi uthe: “Ukuzwe kuphi lokho? Cha, akulona iqiniso, simatasa sizilungiselela imidlalo yokuhlunga manje.” Wudaba oluqhubekayo lolu, sizolulandela sikwazise okuyikho.

Email: Editor@impempe_com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.