UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
IKaizer Chiefs seyikuqinisekisile ukuthi nguStuart Baxter ozoba ngumqeqeshi weqembu kusukela manje. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu. UBaxter usevele ufikile eNaturena kanti wethembisa ukuthi uzozama ukuthola amaqhinga amasha okwenza izinto.
Uthi ibhola lakuleli selithuthuke kakhulu kusukela ahamba kanto lokho kuphoqa ukuthi naye abe nezindlela ezintsha nezingcono zokwenza izinto. Amakhosi selokhu agcina ukuwina indebengesikhathi kusakhona yena uBaxter eminyakeni engaphezu kweyisithupha edlule.
Nokho akabagxekanga abaqeqeshi abebekhona kusukela ahamba, wathi bangabanye babasezingenieliphezulu kuleli.. Udaba olugcwele luyeza maduze.