Usenalo ithemba lokuhlenga iChippa uSeema

Chippa United players Seema
Abadlali beChippa United
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IChippa United izodlala imidlalo yokuhlunga ngemuva kokwehluleka ukuwina ibhekene neSuperSport United emdlalweni wokugcina kwiDStv Premiership ngoMgqibelo.

IChilli Boys ibambane naMatsatsantsa a Pitori ngo 1-1 kanti bekufanele iwine ukuze ingazifaki enkingeninyokushelela, iyodlala eyokuhlunga. Leli qembu likaSiviwe “Chippa” Mpengesi lizenzele lona phansi ngokudedela igoli ekugcineni kade lihamba phambili ngo 1-0.

Ukuba iChippa iwinile iqembu ebelizodlala eyokuhlunga yiStellenbosch FC ebambane neLamontville Golden Arrows ngo 0-0. Umqeqeshi weChippa, uLehlohonolo Seema uthe kona akukuhle ukuthi badedele umdlalo ekugcineni kodwa akufani nokuvala isizini ngokushaywa.

“Umdlalo esiwudlale ngokulingana esingawuthatha sithi okungasenani sizamile, akufani nokuvala isizini ngesibhaxu. Nokho sekumele silungiselele imidlalo yokuhlunga manje.

“Yimpi le okumele siyilungiselele kahle. Akuwo wonke umuntu ohlale enikwa ithuba lesibili,” kusho uSeema. “Njengoba ubona, abadlali baphoxekile kodwa ngithe sisaphila, sisengalwa sibuyele esigabeni esiphezulu.”

USeema ubambe inguyazana nabadlali ngemuva komdlalo futhi uchazile ukuthi yini abeyibhunga nabo ngemuva kokuthi kuhlalukile ukuthi bazodlala eyokuhlunga.

“Akukho okuningi ebengibatshela khona ngaphandle kokuthi isizini isiphelile, imidlalo yePremiership isiphelile, njengoba besidlala umdlalo wokugcina. Yebo siphoxekile ngendlela okwenzeke ngayo, kodwa kumele sibuyele emuva sizivuthulule, silwe, sihlale kwiligi ephezulu,” kusho uSeema.

Lo mqeqeshi uthe yize begcine ngokuthi bayodlala imidlalo yokuhlunga kodwa imnika ithemba indlela abadlale ngayo emidlalweni emibili yokugcina.

“Into enhle ukuthi ngifice abadlali abebengalilahlile ithemba. Bonke abadlali bebezama, belwela iqembu. Indlela esidlale ngayo emidlalweni emibili edlule, uma singaqhubeka nayo singakwazi ukubuya emidlalweni yokuhlunga,” kuphetha uSeema.

IBlack Leopards yona izodlala kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo ngemuva kokudliwa yizembe. Akukacaci ukuthi yimaphi amaqembu eGladAfrica Championship azodlala eyokuhlunga njengoba kusenamacala kulesi sigaba.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe

Leave a Reply

Your email address will not be published.