Usengene ekuthuthukiseni amakhono kwabebhola lomnqakiswano uJessica

UJessica Khomo

ALFRED NGUBANE

Usesungule iqembu azolisebenzisela ukuthuthuisa amakhono uJassica Khomo owayengumdlali weqembu lesizwe lebhola lomnqakiswano. Le ntokazi ebidlala kwiKingdom Stars ithi inhloso yokuqala iMgababa AC ukusiza ekuthuthukiseni amakhono abantwana.

Impempe ihlangane nale ntokazi kwiCross Country eThekwini, yasixoxela lezi zindaba. “Inhloso wukuthuthuksia amakhono abantwana besebancane.

“Angizugxila endaweni eyodwa kodwa ngizohambela izindawo ezihlekene esifundazweni (KwaZulu-Natal) ngihlwaye abantwana abanamakhono abadinga ukusizwa ekulilolongeni. Ngifuna abantwana abazokhula begcine bedlala eqenjini lesizwe (iProteas),” kulanda uJessica.

Ukhuluma lezi zindaba nje uJessica ngonyaka iProteas ilungiselela iNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano. Le ntokazi enguthisha ngokomsebenzi ithi izosebenzisa amava ayo nolwazi eluzuze ngesikhathi isengumdlali kwiProteas.

“Kuningi engikufundile ngezinsuku zami kulo mdlalo nakubaqeqeshi abaningi abebengilolonga ngesikhathi ngisadlala. Kusukela kwiKingdom Stars naseqenjini lesizwe,” kusho yena.

Uveze nokuchazeka kwakhe ngeKingdom Stars athi inabadlali abahle kakhulu futhi akaboni ukuthi kukhona iqembu elingama phambi kwayo.

“Uma nje kungaqiniswa kakhulu kubaphathi, babuke izinto ngeso elibanzi,” kuphetha lentokazi eyazakhela ugazi kubathandi bebhola lomqakiswano.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *