Usengenile kwiChiefs uNtseki, ngabe uBaxter uyalandela?

UMolefi Ntseki noKaizer Motaung
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs seyikuqinisekisile ukuthi seyiqashe uMolefi Ntseki ukuba azophatha izikhungo zayo zenkulisa nethimba labaqeqeshi. UNtseki ubesanda kwehlukana neSafa la abengumqeqeshi weBafana Bafana. Ukuqashwa kwakhe kuMakhosi kuqinisa amahlebezi okuthi azolanda uStuart Baxter okuthiwa uthe ufuna ukusebenza noNtseki.

Kuke kwavela nokuthi ifuna ukumbuyisa aziba yisekela likaHugo Broos kodwa kwagcina kungenzakalanga ngoba bengavumelananga ngezimali. Ube esekhonjwa kwiChiefs la kulindeleke abe yisekela likaBaxter naye okulindeleke atheleke eNaturena maduze nje.

UNtseki uthe kufezeka isifiso sakhe esidala njengoba esesebenza kuMakhosi. Wethembisa ukuthi uzosiza ekubuyiseleni iqembu esimweni esilifanele ngokuqinisekisa ukuthi likhiqiza abadlali abasezingeni.

“Okokuqala nje kumele ngibonge leli qembu, ngibonge usihlalo (uKaizer Motaung) nawo wonke muntu owenze leli qembu laba yilento eliyilo. Ngisakhula bengiyibuka kwithelevishini ngilalele nasemsakazweni izindaba zeqembu nokuphumelela kwalo.

“Lokho kwangifaka ugqozi lokuthi ngithi ngelinye ilanga nami ngiyosebenza laphaya,” kusho uNtseki ngemuva kokwethulwa kozakwabo eNaturena.

“Ukujoyina iKaizer Chiefs, ngigqoke le mibala yayo kungenza ngizizwe ngihloniphekile. Lokhu kuhlonipheka kusuka ekungethembeni okukhonjiswe yiqembu. Ukungiletha lapha bese linginika ithuba lokusiza ekukhuliseni igama leqembu.

“Sengibheke ukufaka isandla, hhayi ngoba ngizenzela mina kodwa konke kuzobe kubeke iqembu phambili. Umsebenzi omkhulu lona.

“Ufuna ukuthi uwazise umsebenzi wakho. Udinga ukuthi ubenezindlela ezikhaliphile zokuwenza. Ube ngumuntu obuyele emuva wacwaninga kahle ngeqembu… ingubani iKaizer Chiefs?

“Yini isiko layo? Yini indlela yayo yokudlala? Lokho kubaluleke kakhulu ngoba kusho ukuthi kumele ubuyele emuva uqoqe ulwazi ngeqembu. Kumele uphinde ube ngumuntu owaziyo ngekusasa lebhola ngoba ibhola lamanje lehlukile

“Kubalulekile ukuthi sikwazi ukuncintisana namaqembi aphezulu e-Afrika nasemhlabeni jikelele ngoba sinazo izinsiza zokwenza lokho. Sinabo ubuholi bokwenza lokho.

“Leli qembu kumele lithole abadlali abasezingeni ukuze liwine. Umlando walo unothe kakhulu futhi uma usebenza lapha kumele kube nento ebonakalayo ofika nayo ngoba iqophelo liphezulu kakhulu,” kusho uNtseki.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.