Usengumethuli wohlelo lwezinkakha uSikhakhane owaduma kwiChiefs

UNtokozo "Koloba" Sikhakhane

SIHLE NDLOVU

UNtokozo “Koloba” Sikhakhane, owake wadlalela iKaizer Chiefs, wafika njengesimenywa ohlelweni olusanda kusungulwa okuthiwa AmaGrootman kodwa manje uyena oselushayela.

Le ngwazi, eke yayibamba nakuMaZulu FC neBloemfontein Celtic, yafika ‘yaduna’ uhlelo ngendlela eyashelela yaphinde yakhombisa ulwazi ngayo kusaqala lolu hlelo.
AmaGrootman uhlelo lapho kukhulunywa khona nezinkakha zikanobhutshuzwayo ukuze kuzwakale ilaka lazo ngebhola lamanje nokuthi nje yini eziyenzayo njengamanje.

UNtokozo Sikhakhane noVuma Mfeka

USikhakhane uthe kwafana nesibusiso ukumenywa kulolu hlelo njengoba wavele ‘wagudluza’ owayeluphatha ngaleso sikhathi, wazithola sekuwuyena obuza izingwazi zebhola imibuzo.
“Konke kwenzeka ngendlela engangiyilindele nengangingayihlelile. Nokho ngiyajabula kakhulu ukuba yingxenye ye-AmaGrootman ngoba ngikholwa ukuthi kumele sazi ngezingwazi zebhola zaKwaZulu-Natal,” kusho uSikhakhane owayengaconsi phansi kubalandeli bebhola ngesikhathi esayibamba kuMakhosi.
“Amajita (abadlali) ayedlala ibhola kumele siwaphakamele manje esaphila, siwaqhakambise. Akusizi ngalutho ukuthi umuntu abe nomngcwabo omkhulu kodwa kade singazi ukuthi ubephila kanjani. Kumele siye eKasi siyobabheka ukuthi yikuphi lapho singabasiza khona. Baningi abadlali bakudala baKwaZulu-Natal esingazi ukuthi baphila kanjani nokuthi yikuphi lapho singafaka khona isandla,” kubeka uSikhakhane.

AmaGrootman avezwa kwiFacebook nakwi-Youtube njalo ngoLwesine ngo-5 ntambama kanti axhaswe yinkampani yokubheja iTabGold. Ngesikhathi impempe.com ikhuluma noSikhakhane ubesakwaze ukukhuluma nezinkakha ezimbili kanti ubelungiselela isiqephu sakhe sesithathu.

UVuma Mfeka

UKoloba akawuvali umlomo ngakufunde kwiChiefs njengoba manje eyindoda ezizamelayo ngemuva kokuwagaxa emgibeni amakhokho akhe.

“Ngihlale ngisho ukuthi wonke amaqembu engidlale kuwona ngiyawahlonipha kodwa ngingakusho ngokungangabazi ukuthi iChiefs ngiyayithanda. Kuningi kakhulu engikufunde kwiChiefs futhi kuningi engenzele kona.

“IChiefs yanginika ithuba lokuqala lokudlala ibhola elikhokhelayo. Iyona futhi eyanginika ithuba lokuya eNyuvesi ngiyofunda, okuyinto eyangisiza kakhulu njengomuntu. Yaphinde yanginika ithuba lokudlala umdlalo womkhaya ne-Orlando Pirates.

“Ngaphezu kwakho konke iChiefs yangcwabisa ubaba wami okwenkosi. Ngiyohlale ngiyihlonipha futhi ngiyithanda njalo iChiefs,” kuphetha uSikhakhane.

AmaGrootman axhaswe yiTabgold kanti kubhekeke ukuthi ahehe amehlo abantu abaningi ikakhulukazi njengoba seyithi damu neCoronavirus.

Email: editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *